SITHEMBISO MKHIZE
INGQWELE yanyakenye kwabesifazane, ebangeni lika-10 000m, uGlenrose "Supercharger" Xaba, yethemba ukuthi inkundla, uMsunduzi Athletics Stadium okugijinywa kuyo ama-ASA Senior Track & Field National Championships, izomnika ithikithi lokuya kuma-Olympic Games.
Lo mqhudelwano ozobe uqala ukuba kule nkundla, uqala namuhla, ngo-8.30 ekuseni, nge-100m Hurdles Boys Under 16.
Kulo lolu suku, ngo-4.30 ntambama, izinsizwa zizoqhudelana kowamanqamu ka-10 000m.
UGlenrose ozobe egqoke imibala yesifunda sakhe, i-Athletics Gauteng North (AGN), utshele Isolezwe ukuthi uzoqala ngokugijima u-5000m, ngo-15.40, namuhla.
Kubhekwe ukuthi amiswe kabi yizintokazi ezifana noDominique Scott weWestern Province Athletics (WPA) onqobe nyakenye ngesiwu-15:28.10. Abanye ababhekiwe uMokgadi Semenya (AGN), Kyla Jacobs (WPA) nabanye.
Indondo yegolide ku-10 000m yabesifazane, uGlenrose uzozama ukuyivikela ngo-3 ntambama, ngoMgqibelo.
Kuma-ASA Senior Track & Field, anyakenye, washaya intambo ngesiwu-32:31.49. Izintokazi okulindeleke zimumise kabi ezifana noCian Oldknow weCentral Gauteng Athletics (CGA) olale isibili nyakenye, Cacisile Sosibo (Central Gauteng Athletics (CGA) ukusho abambalwa.
UGlenrose uthe selokhu unyaka uqalile konke kumhambela kahle. Namalungiselelo aseMsunduzi ahambe kahle. Uveze ukuthi okumthusayo ukuthi uzobe eqala ukugijima emzileni weMsunduzi Athletics Stadium ngaphansi kwesifunda uMgungundlovu. Uthe nakuba engawazi lo mzila kodwa wethemba ukuthi uzomphatha kahle. UGlenrose uveze nokuthi inhloso yakhe enkulu ukwenza isikhathi esizomfaka kuma-Olympic aqala ngoJulayi 26, asongwe ngo-Agasti 11, eParis, eFrance.
Uqhube wathi elakuleli uzimisele ukulimela ku-10 000m noma ku-5000m. Uma efuna ukuya eParis kumele ku-10 000m enze isikhathi esiwu-30:40.00, kube esiwu-14:52.00 ebangeni lika-5000m.
"IKwaZulu-Natal ihlale ingiphatha kahle. Ngethemba ukuthi nenkundla yaseMsunduzi izongiphatha kahle. Kuyo ngiyela ukuyokwenza izikhathi ezizonginika ethikithi lama-Olympic. Ngiyazi kuzoba nzima njengoba ngizoqhudelana nabanye abagijimi bezinga eliphezulu. Okuhle ngokuqhudelana nabezinga leqophelo wukuthi sikwazi ukwenza izikhathi ezinhle," kubeka uXaba.
Kwabesilisa, ku-10 000, kubhekwe u-Adrian Wildschutt, ngoMashi ophule irekhodi lakuleli, e-USA ngesikhathi esiwu-26:55.54.
Uphule nelika-5000m ngesiwu-12:56.76. Kuzokhumbuleka ukuthi nyakenye kule midlalo kunqobe uMbuleli Mathanga ongasekho emhlabeni. Wenze esingu-28.22.74. UWildschutt kubhekwe amiswe kabi u-Elroy Gelant, Milton Kekana, Collins Mulaudzi, Andries Sesedi ukusho abambalwa.
Lo mqhudelwano uzohlotshiswa nawukuhanjelwa umpetha wakuleli, ku-100m, u-Akani Simbine weCGA ogijima ku-100m noWayde van Niekerk oyibamba ku-400m. UVan Niekerk wayengekho nyakenye, leli banga lanqotshwa uZakithi Nene.