SITHEMBISO MKHIZE
UKUSHIYWA yiminyaka kukaPrince “The Demon” Dlomo (34) ekubeni engakazizuzi izinto azifunayo, ukubona kumphoqa ukunqoba empini azovikela kuyo ibhande lakuleli leJunior Welterweight kuMarcus “King Labamba” Lebogo ngoJulayi 28.
Le mpi iyingxenye yomqhudelwano ohlelwa yiMvelo Boxing Promotions ozoba seCity Hall, eMgungundlovu.
Izimpi zizosakazwa bukhoma kwiSABC.
Empini ugcine ngoMashi, ukhale ngaphansi kweyokungcweka yomhlaba abeyilwa noKhariton Agrba kwelakubo, eRussia.
Uthe kumphathe kabuhlungu ukushaywa ngoMashi ngoba wayezitshela ukuthi kuyoshaya lesi sikhathi esephethe ibhande lomhlaba.
“Akusasizi ukukhala, sekumele ngibheke phambili. Isifiso sami wukuthi uma ngiqeda ukuvikela iJunior Welterweight kahlanu ngithole noma yithuba lokulwela i-IBO,“ kusho uDlomo, oyale isitha sakhe ukuthi sijime siqinise ngoba sizozithola sibheka phezulu emizuliswaneni yokuqala.
“Uma ngiqhubeka nokunqoba ngiyazi ngizogcina ngilitholile ithuba lokulwela izimpi ezinkulu ezinjenge-IBF neWBO.
“Iminyaka yobudala ihambile, kuyangiphoqa ukumshaya uLebogo.”
UDlomo odabuka, eTaylors, KwaGijima, khona eMgungundlovu, uzobe elivikela okwesine ibhande lakuleli leJunior Welterweight selokhu alithatha kuXolani Mcotheli ngo-2021.
Uthe sebewalungele wonke amaqhinga uLebogo angase aqhamuke nawo.
“ULebego ulwa ngokudlova bese ekhipha izibhakela noma yikanjani. Uzozalelwa yinja endlini lapha kimi uma ezobhayiza,” kusho uDlomo, odume ngokulwa sakudansa eringini.
“Ukuthi ulwela ngaphandle noma ngaphakathi ngeke alunge. Umthetho weBSA (Boxing South Africa) uthi uma umshayisibhakela eke walivikela kahlanu ibhande linikwa yena ngokugcwele.
“Yilokho engifisa ukukwenza. Ngeke ngivume leli phupho lami lishabalale kalula. Okuhle ngizobe ngilwela ekhaya phambi kwabangani nezihlobo.”
UDlomo, ocijwa nguSamson “Xamukavinjelwa” Ndlovu, ugcine ukulwela kulesi sifundazwe ngoJuni 5, nyakenye, eshaya uXolani Mgidi, eGreyville, eThekwini.
ULebogo, ocijwa nguDamien Durandt, sekuphele izimpi ezintathu engawazi umpetshisi.
Ugcine eshaye uChumani Thunzi wase-Eastern Cape, ngomngqimuzo womlalisa phansi kwebingoJulayi, nyakenye.
Ezimpini ezingu-18, unqobe eziwu-13, wahlulwa kwezine, walwa ngokulingana kweyodwa.
UDlomo unqobe eziwu-16, wahlulwa kwezingu-12, walwa ngokulingana kweyodwa.
Amasango ezimpini zangoJulayi 28, azovulwa ngo-5 ntambama.
Abiza uR100 amathikithi ajwayelekile bese eba nguR200 kwabazohlala eduze kweringi.