AKAKAKHOLWA namanje ukuthi uzogijima iComrades Marathon yesithupha, uLala Cele oveze ukuthi wangena emdlalweni wokugijima esetshelwe ngodokotela ukuthi usemathubeni okuhlaselwa yisifo senhliziyo ngenxa yokukhuluphala ngokweqile.
Kule ntokazi yaKwaMashu, eThekwini, kubukeka sengathi ukhamba lufuze imbiza. Izalwa uHenry "Black Cat" Cele owayengumlingisi aphinde abe umqeqeshi ebholeni. UCele odlule emhlabeni ngo-2007, wazakhela udumo ngokudlala indawo kaShaka kaSenzangakhona emdlalweni iShaka Zulu.
Waphinde wadlalela amaqembu amaningi okubalwa kuwo neLamontville Golden Arrows. Wake waqeqesha ne-African Wanderers.
Namanje izinkakha ezifana noSiyabonga " Bhele" Nomvethe, Sibusiso " Rhee" Zuma, Phumlani " BMX" Mkhize nabanye abawuvali umlomo ngezinga loqeqesho abaluthola kuye. Kulo nyaka iComrades engoJuni 9, izobe inyuka. Isukela eThekwini, iphelele eMgungundlovu.
ULala ongumdidiyeli kwiHollywoodbets AC, utshele Isolezwe ukuthi kuvele kube engathi yiphupho ukuthi uzogijima iComrades yesithupha.
Uveze ukuthi ungene kulo mdlalo kabuhlungu, ngo-2011.
"Ngangikhuluphele lokhu okuxakile. Ngase ngihlulwa nawukuphefumula. Ngathuka ngoma uma udokotela ethi ngisemathubeni okuphathwa yisifo senhliziyo. Wathi igazi lalingasayi kahle enhliziyweni ngenxa yamafutha. Waphinde wathola nokuthi senginesifo sofuba. Ngavele ngacabanga ukuthethiswa ubaba," kubeka uLala ongumgijimi ongabheke kunqoba.
Uqhube wathi akabange esabheka emuva, waqhubeka nokujima. Uthe wajoyina iqembu elalenza ama-aerobics, enkundleni ye-tennis, esigcemeni sakwa-G, khona eSinqawunqawini. Uthe babeqeqeshwa uBheki " Polo B" Ngcobo.
ULala uveze ukuthi ngo-2016 waqala ukungenela imiqhudelwano esezizwa ukuthi uwumqemane. Waqala ngokugijima iMandela Day Marathon. Ubonge wanconcoza kuPolo B ngokumgqugquzela ukujoyina iComrades.
"Angazi ukuthi isibindi esingaka ngasithathaphi. IComrades yami yokuqala yayingo-2017. Ngayilungiselela unyaka owodwa. Kwakunzima, ngingazi lutho ngomdlalo wokugijima. Ngagijima ngizigqokele amateku angekho ezingeni. Kwakunyukwa. Ngangizigqokele newashi, umcwayizeni. Ngangitshelwe ukuthi kungashayi isikhathi esithile ngingaqedanga. Ikona okwangethusa. Ngenhlanhla ngawuqeda umjaho. Ngenza isikhathi esiwu-11:33. IComrades eyalandela yaba ngcono. Ngaqeda kusakhanya. Ngenza u-10:16".
ULala ucele abesifazane ukuthi bazibandakanye nomdlalo wokugijima nezemidlalo jikelele.
" Abesifazane baqamba amanga bathi isikhathi abanaso ekubeni behlala emafonini. Singabesifazane sithwele okuningi emahlombe ethu. Sigcina singayinakekeli kahle imindeni yethu. Ezemidlalo zifana nodokotela wengqondo. Uma ugijima uyakhohlwa okwesikhashana izinkinga. Uphinde usizakale nasekuthatheni izinqumo eziphusille. Abangavumi abantu ukufana nami engaphoqeleka ukungena ekusubatheni," kuzicelela lo msubathi.
ULala uthe imshayisa ngovalo iComrades yalo nyaka njengoba inyuka. Uthe nokho uzolwela isikhathi esihle.