LIHLULEKILE ukunqoba uchungechunge lwe-test ne-India iqembu lesizwe lekhilikithi labesilisa ngesikhathi linqotshwa yizivakashi emdlalweni wesibili futhi obekungowokugcina eNewlands Cricket Ground, eKapa, izolo ntambama.
AmaProteas aqale lo mdlalo ngoLwesithathu edinga ukuwunqoba ukuze athathe uchungechunge kulandela ukunqoba umdlalo wokuqala obuseSuperSport Park, eCenturion, ngemuva kukaKhisimusi nge-innings nama-run angu-32.
Nokho, izinto azihambanga ngokohlelo eqenjini likaShukri Conrad njengoba lishaywe ngamawikhethi ayisikhombisa kowesibili, okusho ukuthi uchungechunge luphele zibambene ngo 1-1.
Iqembu lakuleli liwine ithosi kwathi uDean Elgar, obelihola njengoba ukaputeni uTemba Bavuma esalimele, wakhetha ukushaya kuqala. Lona bekuwumdlalo wokugcina ka-Elgar njengoba ememezele ngaphambi kokuqala kochungechunge ukuthi usenqume ukuyeka ukudlalela iqembu lesizwe.
Izinto zibhimbe zibekwa kumaProteas ngesikhathi abadlali bephuma belandelana, bakhishwa bonke beshaye ama-run angu-55 kuphela kwi-innings yokuqala. Babili kuphela abadlali abakwaze ukushaya ama-run angaphezu kwamahlanu ngamunye, okungu nguDavid Bedingham, oshaye angu-12 no-Kyle Verreyne, oshaye angu-15.
Bekubukeka sengathi i-India izokhombisa iqembu lakuleli ukuthi kudlalwa kanjani ngesikhathi ifinyelela kuma-run angu-153 isalahlekelwe amawikhethi amane. Izinto zijikile ngesikhathi abashwibi bakuleli, uLungi Ngidi noKagiso Rabada, begila imilingo, bekhipha abadlali abayisithupha i-India isamile kuma-run angu-153.
Kube nenhlansi yethemba lokuthi amaProteas azobuyisa isithunzi sawo kwi-innings yesibili kodwa ashabalala ngesikhathi ephinde ekhishwa wonke eseshaye ama-run angu-176. Ngisho nokuthi bakwazile ukuthola leso sibalo kungenxa ka-Aiden Markram, oshaye angu-106 emabholeni angu-103.
I-India ibidinga ukushaya ama-run angu-79 ukuze inqobe umdlalo, yawathola isalahlekelwe amawikhethi amathathu kuphela.
“Bengicabanga ukuthi ngiyazi kahle inkundla yaseNewlands kodwa ngishaqekile. Bekungeyona inkundla ebesiyilindele. Ngaphambi komdlalo uqoqa lonke ulwazi futhi ucabanga ukuthi uyazi ukuthi yini okumele uyilindele njengoba uke waqeqesha iqembu elidlala lapha, naseqenjini unabadlali asebedlale lapha kaningi kule nkundla kodwa konke kushintshe uma uthola inkundla esesimweni esinje,” ubeke kanje umqeqeshi weqembu lamaProteas le-test, uConrad.
“Angazi ukuthi abantu balindele ukuthi ngithi inkundla ibibheda noma cha kodwa ngicabanga ukuthi kusobala uma ubheka ama-run ashaywe yiwona womabili amaqembu.
“Kuphinde kwabonakala ngendlela i-India edlale ngayo isijaha isibalo sama-run angu-79. Bebelishaya nje ibhola futhi kukhona lapho besinde khona ngenhlanhla. Lena akuyona indlela esithanda ukubona kudlalwa ngayo ikhilikithi ye-test.
“Yize kunjalo kodwa kumele ngincome i-India ngoba idlale kahle. Ngasohlangothini lwethu, kuyacaca ukuthi ngeke siyinqobe imidlalo ye-test ngokushaya ama-run angu-55. Kumele sikwamukele ukusolwa. Bekungekuhle neze esikubone lapha. Ngikhuluma ngenkundla kanye nohlobo lwekhilikithi esiludlalile.”
UConrad usezobheka uhambo oluya eNew Zealand lapho bezodlala emibili ngenyanga ezayo. Uzohamba neqembu elihlukile njengoba iningi labadlali ababhekane ne-India bezobe bematasa nomqhudelwano we-SA20 ozoqala ngesonto elizayo.