UMQEQESHI weCell C Sharks, uJoey Mongalo, uvumile ukuthi i-Airlink Pumas ibingcono kunezakhe ngesikhathi izinqoba ngo 26-20 kowandulela owamanqamu weCarling Currie Cup eHollywoodbets Kings Park ngoMgqibelo ntambama.
ISharks ifinyelele kulo mdlalo womkhumulajezi ngokulala endaweni yesibili kwi-log ngemuva kwemidlalo yamaqoqo, iPumas yaqeda endaweni yesithathu.
Izivakashi zifudumale kuqala kulo mdlalo wangoMgqibelo zasheshe zahamba phambili ngo 12-0. Nokho iSharks ikwazile ukunciphisa igebe, kwayiwa ekhefini iPumas isihamba phambili ngo 19-17.
Esiwombeni sesibili womabili amaqembu alahlekelwe abadlali abamiswe imizuzu engu-10 ngemuva kokuthola amakhadi aphuzi. Kuyibhedele kakhulu iSharks ngesikhathi umdlali wasesiswini, u-Alwayno Visagie, ethola ikhadi elibomvu kulandela ukushayisana no-Etienne Taljaard emoyeni.
EzikaMongalo zizamile ukuthola amaphuzu okunqoba umdlalo ngasekupheleni kwesiwombe sesibili kodwa kwanhlanga zimuka nomoya, iPumas yagcina inqobe ngamaphuzu ayisithupha.
“Ngicabanga ukuthi badlale kahle kakhulu futhi bakhombise ubuhlakani. Bebehlasela beqhamuka ezindaweni ezahlukene futhi bakwazile ukuvimba ama-maul ethu, okungesinye sezikhali zethu eziqinile,” kusho uMongalo.
“Bakhahlele kahle, uDevon Williams noTinus de Beer bashaye into ecokeme kakhulu. Kufanele ngibancome ngoba badlale kangcono futhi umdlalo bebewulungele kangcono ngokomoya nangokwengqondo.”
Lo mphumela uchaza ukuthi iSharks iphinde yaqeda enye isizini ingatholanga ndebe njengoba yaphuma kumakota kwi-United Rugby Championship nakwiHeineken Champions Cup.
AmaPumas asezothola ithuba lokuvikela isicoco seCurrie Cup uma esebhekene neToyota Cheetahs kowamanqamu ngoMgqibelo ntambama.
ICheetahs ishaye iVodacom Bulls ngo 39-10 komunye owandulela owamanqamu obudlalelwa eFree State Stadium.