UMQEQESHI weqembu leCell C Sharks elidlala kwiCurrie Cup, uJoey Mongalo, ufisa ukuthi ezakhe zisheshe zimsayinise umdlali ofike washisa, uPhikolomzi Sobahle.
USobahle udlale okokuqala kwiSharks koweCurrie Cup ngoMashi, washaya i-try ngesikhathi beguqisa iWestern Province ngo-20-7.
Udabuka eMount Frere, e-Eastern Cape, kodwa isikole wasiqedela eNorthwood, eDurban North.
Ubeyingxenye yenkulisa yeSharks aphinde adlalele neqembu elisesigabeni esiphansi, iCollege Rovers. Waqokwa njengomdlali ovelele kowamanqamu ngesikhathi iRovers idla iMurray Cup ngo-Okthoba, nyakenye.
Usadlale kahle selokhu anikezwa ithuba lokugijima kwiCurrie Cup futhi uphinde washaya i-try ngesikhathi iSharks idliwa yiBulls ngo-24-20 kulo mqhudelwano ngoLwesihlanu.
“Okuhlekisayo wukuthi ngo-Okthoba nyakenye, iningi labantu belingazi ukuthi ungubani. Udlalela iRovers, okuyiqembu elincane elizinze ngaphesheya komgwaqo nje uma usuka lapha enkundleni yeSharks,” kusho uMongalo.
“Ngesikhathi siqala ukulungiselela isizini besinedlanzana labadlali bamaqembu amancane abebezilolonga nathi. U-PK (Sobahle) ubengomunye walaba badlali, ehambisana no-Athi (Khethani), ongene endaweni ye-lock eqhamuka ebhentshini ngesikhathi sidlala neBulls.
“Laba ngabadlali abangenazo izinkontileka, abangaholi, bakhokhelwa leyo mali ethile eyisibopho ekhokhelwa abadlali bamaqembu aphansi. Kufanele ngibancome abadlali abanjalo abazikhandlayo ngisho bengenazinkontileka.”
UMongalo ukholwa wukuthi uSobahle usekhombisile ukuthi unakho konke okudingekayo kumdlali ogijima ophikweni futhi iSharks akumele isindwe yizinyawo ngokumsayinisa.
“Uwenza lula umbhoxo, uhlale wazi ukuthi uzotholani kuyena. Uyawajaha amabhola asuke ekhahleliwe, alwele lawa asemoyeni, amake kahle ngakulayini bese eshaya nama-try,” kuqhuba uMongalo.
“Ngiyethemba ngempela ukuthi labo abathatha izinqumo eqenjini lethu bazomsayinisa ngaphambi kokuthi athathwe ngabanye ngoba ngicabanga ukuthi akusekude kuvele abazofuna ukumthatha.”
ISharks isendaweni yesithathu kwi-log yeCurrie Cup ngamaphuzu angu-15, emidlalweni eyisithupha. Isele ngamaphuzu ayishumi eqenjini eliqhwakele futhi okuyilona elivikela isicoco, i-Airlink Pumas.
EzikaMongalo zizobuyela enkundleni ngoLwesihlanu, ngo-2.30 ntambama, ukuyodudulana neToyota Cheetahs eFree State Stadium.