UMQONDISI wezombhoxo kuleli, uRassie Erasmus, uthi uwalindele amaqhinga omqeqeshi we-Australia, u-Eddie Jones, ngaphambi komdlalo weRugby Championship phakathi kwala maqembu ozokuba ngoJulayi 8.
AmaBhokobhoko namaWallabies bazobhekana eLoftus Versfeld, ePitoli, ngo-5.05 ntambama.
U-Erasmus noJones bake basebenza ndawonye ethimbeni labaqeqeshi bamaBhokobhoko ngo-2007. U-Erasmus ukholelwa ekutheni yize uJones ejwayele ukukhuluma izinto ezibheke eceleni ngaphambi komdlalo kodwa usuke engahlosile okubi.
Muva nje, utshele abezindaba ukuthi ucabanga ukususa uJosh Kemeny kwi-flank amyise ophikweni, aphinde asuse umdlali wasophikweni uDylan Pietsch ayomdlalisa kwi-looseforward.
“U-Eddie useke waqeqesha eJapan, e-United States, e-England, kanti useke wasiza namaqembu eRugby League. Uhlale engumuntu ozama izindlela ezihlukene zokudlala,” kusho u-Erasmus.
“Uhlale enemaqhinga athile futhi ucabanga ngendlela ehlukile. Ungumuntu onesibindi sokwenza izinto ezingajwayelekile. Angisho kabi uma ngithi unamaqhinga kodwa uyakwazi ukwenzela iqembu lakhe izinto ezithile ngaphambi kwemidlalo.
“Angicabangi ukuthi kuyinto embi. Empeleni kuyinto eletha isasasa emdlalweni wombhoxo. Ngenye yezinselelo eziza no-Eddie okuzodingeka sibhekane nazo.”
Khonamanjalo: U-Erasmus uphawule ngabadlali abalimele, oDamian Willemse, Handre Pollard, Siya Kolisi, Eben Etzebeth noJaden Hendrikse.
Kulindeleke ukuthi uWillemse akulungele ukubhekana namaWallabies kodwa uPollard uzobhekwa ngemuva kweRugby Championship. U-Etzebeth noKolisi nabo kulindeleke ukuthi babuye uma leli qembu selidlala imidlalo yalo yokungcweka ngaphambi kokuqala kweNdebe yoMhlaba ngoSepthemba.
“UDamian Willemse usekulungele ukudlala. Sikhathazekile kancane ngoHandre ngoba usephinde walimala esihluzini. Kodwa yingakho sibize u-Elton (Jantjies), ukuze uHandre alulame ngokugcwele, singamfakeli ingcindezi,” uqhube kanje u-Erasmus.
“U-Eben uyalulama kanjalo noSiya olimele edolweni. Sibheke ukuthi badlale emdlalweni wokungcweka neWales (ngo-Agasti 19). UJaden Hendrikse naye uza kahle.”