UMQONDISI webhola lombhoxo eNingizimu Afrika, uRassie Erasmus, uthi kusezandleni zomdlali weStormers, uSacha Mngomezulu, ukuzikhethela ukuthi ufuna ukudlalela liphi iqembu lesizwe phakathi kwamaBhokobhoko ne-England.
UMngomezulu (20), odlala indawo ye-flyhalf kwiStormers, ungukaputeni weqembu elincane lamaBhokobhoko kodwa usengakwazi ukushintsha ayodlalela i-England.
Uyise uNick Feinberg, wazalelwa eLondon, kodwa usehlale eKapa, lapho kwazalelwa khona uSacha, iminyakeni engaphezu kwengu-25.
Ngesonto eledlule kubikwe ukuthi i-England nomqeqeshi wayo, u-Eddie Jones, bahlela ukumsondeza eqenjini labo kodwa u-Erasmus uthe nabo beyiSA Rugby, banezinhlelo ezithile ngalo mdlali osemncane oseqala ukuzakhela igama kwi-United Rugby Championship.
“Ngicabanga ukuthi uSacha usethubeni elihle lokuba yingxenye yeqembu leSouth Africa A. Uma efuna ukusidlalela kumele abe yingxenye yalelo qembu futhi adlale kahle lapho,” kuchaza u-Erasmus.
"Uma kuwukuthi angadlalela noma yiliphi iqembu phakathi kwamaBhokobhoko ne-England ekugcineni kuzoba yisinqumo sakhe. Ngeke sizame ukuncenga umuntu ofuna ukudlalela elinye izwe ukuthi azodlalela thina.
“Kumele afune ukudlalela iNingizimu Afrika, futhi aziqhenye ngokudlalela amaBhokobhoko. Kufanele azimisele ngokukhuphukela ezingeni elilandelayo. Uma ethola ithuba kumele alisebenzise kahle impela.
“Ngingamangala uma engakhetha i-England, kodwa kungaba nzima ukushintsha umqondo wakhe. Anginandaba nokuthi u-Eddie uthini, okusemqoka okushiwo nguSacha.”
Iqembu leSouth Africa A, elihlanganisa abadlali abasuke sebesondele kumaBhokobhoko, lizolibangisa phesheya ngenyanga ezayo lapho lizodlala imidlalo emibili neqembu lase-Ireland, iMunster, neBristol Bears yase-England.
Leli qembu lizoqeqeshwa yiphini lomqeqeshi wamaBhokobhoko, uMzwandile Stick, ozobe esizwa nguBafana Nhleko, Joey Mongalo noWian du Preez.
AmaBhokobhoko azodlala imidlalo emine phesheya ngenyanga ezayo ne-Ireland, France, Italy ne-England.