IFUNGA iyagomela intokazi yaseMaqumbi, KwaMaphumulo, uBusisiwe Chamane (30), ukuthi ngeke ivume amanye amantombazane achanase ekhanda layo, enjahweni i-ASA Half Marathon Championships kusasa, eGqeberha.
Isibhamu sizoqhuma ngo-7 ekuseni emjahweni wabasubathi oxube neNelson Mandela Bay Half Marathon, ePallock Beach, eSummerstrand.
Kulokhu uBusisiwe uzobe engagqokile imibala yeKwaZulu-Natal Athletics (KZNA). Uzobe egqoke eyekilabhu yakhe iBlack Diamond AC. Unconywa ngabaningi ngokufika kuzwakale ikakhulu ku-10km naku-21km.
Nonyaka ulale kweyesithupha kwiTotalsport Two Oceans 21km Marathon, ngesikhathi esiwu-1:22.10.
Ebangeni elifanayo kwiPrince Mangosuthu Marathon ulale kweyesihlanu (1:26.10). Walala kweyesine kwiBest of the Beast Marathon (1:20.38). Yisona sikhathi esihle kunazo zonke asigijime ku-21km.
Ku-10km, unqobe iDurban International (35.43) neHarry Gwala Marathon (38.41). Uphinde walala isibili kwiDurban City Marathon (35.41).
Emasontweni edlule ubesesikwatini seKZNA ebesiye eGauteng, kuma-ASA 10km Championships. Ulale eyesi-11, ngesiwu-38.38.
Utshele Isolezwe ukuthi amalungiselelo omjaho waseGqeberha, ahambe kahle kakhulu. Uthe isifiso sakhe ukwenza isikhathi esingaphansi kuka-1:20.38.
Le ntokazi ebuye ingumsebenzi kaMasipala weTheku, ikusho yangangabaza ukuthi ngeke iliyeke ithuba lokunqoba umjaho uma livela noma ukungena kwabathathu bokuqala.
"Isifiso sami ukuthi usuku lwangoMgqibelo lungivume, umzimba wami ube esimweni esihle. Kuzoba nzima. Ngizoqhudelana nabagijimi bezinga eliphezulu. Nakuba kunjalo ngeke ngizithele ngabandayo. Ngeke ngivume ukudlala amanye amantombazane. Uma livela ithuba lokudla umhlanganiso ngeke ngiliyeke. Ngifithi ngokwanele," kubeka uBusisiwe, ocijwa nguLovemore Chabata waseZimbabwe.
Ubabonge wanconcoza abaphathi bekilabhu yakhe iBlack Diamond AC, ngokumxhasa ngayo yonke indlela.
"Ukujoyina iBlack Diamond kufane nesibusiso kumina. Kwenzeka njengoba bengihlelile. Sengithandazela ukuthi kuphele unyaka izinto zihamba ngale ndlela.“
UBusisiwe osehlala eMorningside, eThekwini, uthe uma ebuya eGqeberha, uzolungiselela uchungechunge lweSpar Women’s 10k Challenge.
Umlenze olandelayo ungoJuni 23, eThekwini. Uthe uzogijima nakowe-Absa Run Your City ngoJulayi 7, khona kwelikaBhanana.
Ufisa ukuthi eminyakeni ezayo amele iNingizimu Afrika kwi-marathon, emiqhudelwaneni yomhlaba enjengeyama-Olympic Games, World Athletics Championships neminye. Uveze ukuthi uthando lokujoyina lo mdlalo lwaqala ngo-2019.
"Ngaqala ngokuzivocavoca ngokugijima. Indlela engangigijima ngayo kukhona eyabachaza. Empeleni babezitshela ukuthi ngingumgijimi wezinga eliphezulu. Ngaqala lapho ukujoyina amakilabhu nokwenyusa izinga. Ngo-2020 ngabe sengiqala ukungenela imijaho," kuqhuba uBusisiwe.
Ukhale ngokuba nzima ngoba ubuye asebenze. IKZNA izohambisa isikwati sabasubathi abangu-10, eGqeberha.