INYUKILE imihlomulo kwabazokwenza kahle kwiComrades Marathon yangonyka ozayo ezobe inyuka, isuka eThekwini ilibhekise eMgungundlovu.
Emcimbini obuwenziwe yiComrades Marathon Association (CMA) ngoLwesibili, eMgungundlovu, wokwethula ngokusemthethweni umjaho, kumenyezelwe ukuthi uzoba ngoJuni 9, 2024. Uzosukela eCity Hall eThekwini, uphelele eHollywoodbets Scottsville Racecourse.
Isibhamu sizoqhuma ngo-5.30 ekuseni. Kuzogijinywa amakhilomitha awu-87. Kuzobe kuwumjaho wesi-49 uma kwenyukwa.
U-Ann Ashworth oyisikhulu esiphezulu kwiCMA umemezele ukuthi imali ezonqotshwa ngabazoshaya intambo kubona bobubili ubulili izosuka kuR500 000 inyukele ku-550 000. Kuzophindwe kwengezwe ngesamba esifanayo kwabazophula amarekhodi agcina ukwenziwa uma kwenyukwa.
"Siyibheke ngabomvu iComrades yangonyaka ozayo. Ukuhlungela ukuyingenela kuzoqala ngoSepthemba 1, kuvalwe ngoMeyi 2, wangonyaka ozayo. Izikhathi zokuhlunga azishintshwanga. Kulabo abazohlunga nge-42 km Marathon kumele bagijime isikhathi esingaphansi kuka-4:50 bese kuba esingaphansi kuka-6:45 kwabazohlunga nge-56 km Ultra Marathon. Uhlelo lokushintsha luzoqala ngoMashi, lusongwe ngo-Ephreli wango-2024," kubeka u-Ashworth.
Ukufakwa kwemingenelo kuzoqalwa ngo-10 ekuseni ngoNovemba 21, kuvalwe ngo-4.30 ntambama ngoDisemba 11. Imingenelo ingavalwa ngaphambi kosuku olubekiwe uma kuwukuthi kusheshe kufinyelelwe ku-23 000 wabagijimi ababhekiwe.
Imali yemingenelo kubasubathi bakuleli uR1 200, kube uR2 000 kwabase-Afrika bese bakhokhe uR4 500 abangaphandle kwakuleli lizwekazi.
UMqondisi Ngcobo ongusihlalo we-CMA wethule nesiqubulo somjaho wangonyaka ozayo esithi “No Doubt- Nakanjani!”
"Lesi siqubulo sibuchaza kahle ubugugu balo mjaho ohlonishwa umhlaba wonke. Sekuphele iminyaka iComrades Marathon ibamba iqhaza ekushintsheni impilo yabantu bakuleli. Igqugquzela ukubambana nobuhle bezwe lethu," kubeka uNgcobo.
Ngonyaka odlule, umhlanganiso udliwe uTete Dijana kwaba uGerda Steyn kwabesifazane. Kugcinwa ukwenyuka, u-Edward Mothibi wanqoba umjaho ngo-5:31:33. Irekhodi labesilisa elinyukayo labekwa uLeonid Shvetsov ngo-2008, eqopha u-5:24:39.
UGerda Steyn wabeka irekhodi labesifazane elenyukayo enqoba ngo-2019, ngokushaya intombo ngo-5.58.53. Okunye okuvelile wukuthi abagijimi abathathu baKwaZulu-Natal abazongena kuqala bazohlomula. Phambilini bekuhlomula umgijimi ongene kuqala kuphela. Kuzobuye kuhlonyuliswe abagijimi abenze kahle kwabaneminyaka eku-70.