INKAKHA yesibhakela eyaba ngeyokuqala kuleli ukunqoba isicoco seWBC, uThulani "Sugarboy" Malinga, iphakamisa ukuthi uDingaan "The Rose of Soweto" Thobela osanda kudlula emhlabeni, ahlonishwe ngokuthi kubekhona ibhande elizoqanjwa ngegama lakhe.
Zivele ngoMsombuluko ebusuku izindaba zokudlula emhlabeni kukaThobela (57).
Ngokwemibiko utholakale eseshonile eflethini lakhe eliseGoli ngemuva kwezinsuku ezanywa ezingcingweni engaphenduli.
Nakuba kungacaci ngembangela yokushona kwakhe. Abasondelene naye baveze ukuthi ubeke wabika ukubanjwa wumkhuhlane.
Ngasekupheleni kwama-80s kuya ku-2000, uThobela ubengomunye wosaziwayo abebengaconsi phansi kuleli. Bekungalalwa uma ezolwa.
UMalinga noThobela kuphela kuleli abashayisibhakela abake baphatha isicoco se-World Boxing Council (WBC).
Lesi sicoco sihlonishwa ukuzedlula zonke emhlabeni. Bobabili basinqoba esigabeni seSuper-Middleweight.
UMalinga waseMnambithi, waqala ukusinqoba ngo-1996, eshaya uNigel Benn wase-UK, eNewcastle, e-England. Wasiphinda ngo-1997 ehlula uRobin Reid waseJamalica, eLondon Arena.
UThobela obedabuka eChiawelo, eSoweto, i-WBC wayithatha ngoSepthemba 1, 2000, eshaya uGlenn Catley wakhona e-England empini eyayiseBrakpan, e-East Rand eGauteng.
Kumabhande amane ahlonishwa umhlaba wonke, waqala ngokuphatha isicoco se-Lightweight ngap[hansi kweWorld Boxing Organizastion(WBO) eshaya uMauricio Aceves waseMexico, ngo-1990, eTexas, e-USA.
Wayivikela kabili ngaphambi kokuthatha eseWorld Boxing Association (WBA) kuTony Lopez wase-USA ngoJuni 1993, eSun City, eNorth West.
Empini yokuqala uLopez wayenqobile njengoba base bephinda.
UThobela waqala ukuzakhela igama ngo-1988, eNew Brighton, eGqeberha, ehlula uMpisekhaya Mbaduli kweyesicoco seSA Super Featherweight.
Ubeqeqeshwa uNorman Hlabane konke okuqale kuye ejimini eseNew Canada, eSoweto.
UMalinga obengumngani omkhulu kaThobela, utshele Isolezwe ukuthi uphatheke kabi kakhulu ezwa izindaba zokushona kwaleli qhawe.
"Hamba kahle mngani wami. Bewumncane kunami kodwa bekungathi singontanga. Isibhakela bekuyinto ozalwe nayo. Yingakho ube nale mpumelelo.
“Udlula nje, bengithi uwena ozongcwaba mina. Namanje angikazikhohlwa izikhathi ezinhle esibe nazo nawe kuleli naphesheya kwezilwandle. Ngithi dudu emndenini wakwaThobela," kubeka uMalinga.
Uqhube wathi kubuhlungu ukuthi umngani wakhe ushone engazange ahlonishwe ekubeni elakuleli ubelimele emikhakheni eyahlukene.
Uphakamise ukuthi okungenani ahlonishwe ngokuthi ibhande le-SA Super Featherweight, aqala ngalo ukuba umpetha walo, liqanjwe ngegama lakhe.
"Kubuhlungu ukuthi kuleli amaqhawe ahlonishwa ngoba engasekho. Uhulumeni muhle ekuwenzeleni imingcwabo yezinga eliphezulu.
“Ngingasazikhulumeli mina nabanye, ngicela iBSA (Boxing South Africa) iqambe leli bhande ngegama lakhe.
“Lukhulu uDingaan alwenzele elakuleli. Nohulumeni kuzomele kube khona akwenzayo okuwuphawu lokumhlonipha.
“ Isizukulwane esizayo siyadinga ukwazi ukuthi kwake kwabakhona iThe Rose of Soweto,“ kuphetha uMalinga
UMandla Ntlanganiso oyisikhulu esiphezulu kwiBSA ungomunye wabadlulise amazwi enduduzo emndenini wakwaThobela. Uthe iBSA inazo izinhlelo zokuthi kuhlonishwe uThobela.