U-AKANI Simbine uqhubekile nokukhombisa ubunkunzi ebangeni lika-100m eMzansi evikela ngempumelelo isicoco sakhe okwesithupha kuleli banga kuma-ASA Senior Track and Field National Championships, ngosuku lwesibili eMsunduzi Athletics Stadium, eMgungundlovu, ngoLwesihlanu ntambama.
USimbine (30) udle umhlanganiso emjahweni wamanqamu ka-100m ebeka isikhathi esingu-10.01, elandelwa wuBayanda Walaza endaweni yesibili ngesikhathi esingu-10.27, noBradley Nkoana ngo-10.27.
Lo mqhudelwano usetshenziswa njengenkundla yabagjiimi bakuleli yokukuzibekisela indawo kuma-Olympic Games azobanjewelwa eParis, eFrance, azoqala ngoJulayi 26 asongwe ngo-Agasti 11.
UVan Niekerk ophethe irekhodi lika-400m labesilisa, umangaze abaningi ngoLwesine engagijimi emjahweni waleli bamba avame ukuligijima kulo, wagijima u-200m ngoLwesihlanu ekuseni wadla umhlanganiso ku-heat 2 eshaya isikhathi esingu-20.57.
UVan Niekerk noSimbine sebevele bazibekisele indawo kuma-Olympic Games. UVan Niekerk usazophinda agijime ngeSonto kowamanqamu ka-200m.
Ebangeni lika-400m kwabesilisa emjahweni wokuqala wowandulela owamanqaumu, kuhambe phambili uLythe Pillay ngesikhathi esingu-45.23, kowesibili wowandulela owamanqamu kwahlabana uGardeo Isaacs, kowesithathu umhlanganiso wadliwa umgijimi waKwaZulu-Natal, uZakithi Nene, oshaye isikhathi esingu-45.28.
Umjaho wamanqamu ka-400m wabesilisa uzoba ngeSonto.
Kwabesifazane kowamanqamu ka-100m umhlanganiso udliwe intokazi esencane uViwe Jingqi (19). Ushaye intambo ngesikhathi esingu-11.23.
Ku-400m wabesifazane, kunqobe uShirley Nekhubui kowokuqala wowandulela owamanqamu ngo-52.16, kowesibili wowandulela owamanqamu kwahlabana uMiranda Cotzee ngo-53.50.
Kwabesifazane ku-1500m ku-heat 1 umhlanganiso udliwe wuPrudence Sekgodiso ngo-04.41.4 ku-heat 2 kwahlabana uNaum Bobape ngo-04.41.8.
USekgodiso ogijimela iKwaZulu-Natal osezibekisele indawo kuma-Olympic Games, uzovala ngokugijima u-400m ngeSonto.
UGlenrose Xaba odle umhlanganiso ku-5000m ngoLwesine, usabhekene nenselelo yokuzibekisela indawo kuma-Olympic Games ngokuthi enze isikhathi esishaya emhloleni kwi-10 000m ngoMgqibelo ntambama.
Kwi-high jump, uBrian Raats uthathe igolide wenze u-2.25m. Indawo yesibili ithathwe uBreyton Poole, isithathu kwaba uKeagon Fourie. Nabo bagcine beqe ubude obulinganayo, uRaats wabashaya ngokuthi akukho lapho eke wageja khona.