UMDLALI we-karate ozinze eMlaza, uMlungisi “Pitbull” Mbizane futhi oshaya umkhalambazo onenkosi phakathi, uthe kufezeke iphupho leminyaka kuyena lokuyolwa eJapan.
Lo mdlali ongesinye sezibabuli zamakarateka azomela iNingizimu Afrika nezwekazi i-Afrika kwi-13th World Full Contact Karate Championships, udabuka KwaMgaye, eMzinto, kodwa njengamanje osezinze eTehuis, eMlaza.
UMbizane uphakathi kwamakarateka angu-19 azomela i-Afrika kwi-13th World Full Contact Karate Championships, ezobanjelwa eTokyo, eJapan, ngo-Okthoba.
IKwaZulu-Natal eyaziwa ngokudlisela ogageni ezinye izifundazwe emiqhudelwaneni kazwelonke neyezwekazi kaqinathambo we-karate, iphinde yakufakazela ukukhonya kwayo njengoba kula ma-karateka angu-19 azomela i-Afrika, yona izomelwa ngawu-11.
Amane ngawaseWestern Cape, amabili awaseGauteng, elilodwa ngelase-Eastern Cape, kuthi elinye elilodwa kube elaseReunion.
Wonke la makarateka azibekisele indawo kwiWorld Full Contact Karate Championships ngokwenza ezibukwayo kwiKyokushin Karate All Africa Tournament eyayibanjelwe eKapa, ngo-Ephreli, lapho kwakuqhudelana khona abadlali bomkhalambazo basemazweni ahlukene ase-Afrika.
UMbizane, omandla nge-mawashi geri (spin kick), kwi-All Africa Tournament, wahlabana ngomklomelo we-Most Spirited Fighter esigabeni sika-Open (isigaba esivulelekile).
Ephawula uthe: “Kusho lukhulu kimina, futhi kade kwaba yisifiso sami ukuthi ngelinye ilanga ngiyolwa eJapan, okuyikhaya le-karate. Ngiyodudulana namanye amakarateka akwamanye amazwe nawakhona eJapan, nengikholwa wukuthi ngizofunda lukhulu kulo mqhudelwano.
“Kumanje ngilala ngingalele ngibala izinyanga ezisele, ngicabanga ukuthi ngizontweza ngebhanoyi ngiwele izilwandle okokuqala empilweni yami, ngiphakamise indawo yakithi nezwe lami kulo mqhudelwano womhlaba,” kusho uMbizane.
Uthi waqala i-karate eneminyaka eyisishiyagalolunye esafunda emabangeni aphansi, eMgaye Primary, eMzinto, ngaphansi kwesandla sikaSensei Banele Cele. Kwathi ngokuhamba kwesikhathi wafudukela eThekwini ukuyofunda eMlazi Secondary. Ngokungabi bikho kwalo mdlalo esikoleni ayefunda kuso, wabe eseziqeqesha ngaphansi kukaSensei Thulani Mbatha, eMangosuthu University of Technology (MUT).
Njengamanje usebuyele ngaphansi kukaSensei Cele umqeqeshi wakhe wakudala e-dojo yaseTehuis.
“I-karate ingifundise kakhulu ukuhlonipha nokwazisa abanye abantu, okuhambelana nokubezela nokuzimela empilweni jikelele. Ubuntu yinto esifundiswa yona kulo mdlalo we-karate. Kuningi engisafisa ukukuzuza kulo mdlalo, yize senginezinhlelo zokwenza i-Mixed Martial Arts (MMA) eceleni, ukuxosha ikati eziko,” kuqhuba uMbizane.
UMbizane namanye amakarateka aseNingizimu Afrika, bazothola ithuba elihle lokuzivivinya ngomqhudelwano kazwelonke iSouth African Kyokushinkaikan Karate National Championships, ozobanjelwa eNyuvesi yaseFort Hare, e-East London, e-Eastern Cape, ngoJulayi 7-8.