UMQEQESHI weqembu leCell C Sharks elidlala kwiCurrie Cup, uJoey Mongalo, uncome abadlali bakhe ngokuvuka esiwombeni sesibili ngesikhathi beguqisa iNovaVit Griquas ngo 32-16 eHollywoodbets Kings Park ngempelasonto.
Iqembu likaMongalo liphinde lathola iphuzu elengeziwe kulo mdlalo njengoba likwazile ukushaya ama-try amahlanu, iGriffons yathola eyodwa kuphela.
IGriffons beyidlala owokuqala esigabeni esiphezulu, iPremier Division, ngemuva kokuba ngompetha beFirst Division ngesizini edlule.
Ilwile yahamba phambili kwaze kwashaya umzuzu ka-50. Kusukela lapho iSharks ikhombise amandla isizitholela kalula amaphuzu.
UFezokuhle Mbatha ushayele iqembu lasekhaya ama-try amabili esiwombeni sokuqala, ukaputeni uMurray Foster, uDamien Royal noKhuthazani Mchunu bashaya eyodwa umuntu ngamunye kwesesibili.
“Ngicabanga ukuthi silwe kahle ngemuva kokungawuqali kahle umdlalo. Besazi ukuthi kuzoba nzima ukuthi iqembu lihlangane ngasekuqaleni njengoba laba badlali besanda kuqala ukudlala ndawonye,” kusho uMongalo.
“Inkulumo esibe nayo ngesikhathi sekhefu isebenzile. Kunamagama aqinile asetshenzisiwe egunjini lokushintsha futhi nabadlali baphendule ngendlela efanele. Abathatha izinqumo babuyele endleleni, iqembu lonke lalandela, sawushintsha umdlalo.”
Lo mqhudelwano uqale ngoLwesihlanu lapho iToyota Cheetahs idle iWindhoek Draft Griquas ngo 42-19. IWestern Province ishaye iFidelity ADT Lions ngo 44-28, kwathi ompetha, i-Airlink Pumas babhuquzisa iVodacom Bulls ngo 63-15 eLoftus Versfeld ngeSonto ntambama.
IPumas, iCheetahs, iSharks neProvince yiwona maqembu ahlezi ngokulandelana phezulu ngamaphuzu amahlanu iqembu ngalinye.
ISharks izodlala olandelayo neGriquas eKimberley ngeSonto ngo-4:05 ntambama.