UZIMISELE ukuthi ashintshe impilo yentsha yesilisa ethanda ibhola uSigoga Mntanenkosi Mkhwanazi weqembu Ikhambi Football Academy, yaseMtubatuba ebheke kowamanqamu emidlalweni ehlanganisa amaqembu ahlukene aseMkhanyakude.
NgeSonto kuzohlangana amaqembu amane okugcina akade eqhudelana emidlalweni iMen’s Regional League SAFA Umkhanyakude.
Kuwona kuzotholana phezulu Ikhambi FA neMadonela Y Movers, neThanda Lions ezotholana phezulu ne-Umlilo FC.
Iqembu eliyodla umhlanganiso lizoyomela isifunda saseMkhanyakude, emidlalweni yesifundazwe ezoba ngoJuni.
Ekhuluma neSolezwe uSihlalo we-Ikhambi Club, uMkhwanazi uthe lo umsebenzi omkhulu abawenzayo njengoba bethuthukisa amakhono entsha ethanda ibhola eqhamuka kuzona zonke izindawo esifundazweni.
“Sijabule ukuthi sesifike kulesi sigaba sokubamba imidlalo yokugcina. Okuphinde kusijabulise ukubona intsha ikhombisa ukuzimisela emkhakheni webhola esifuna ukhule ezindaweni zasemakhaya. Abafana esisebenza nabo abanye bahlezi emakhaya abasebenzi, abanye basafunda ezikoleni, abanye basemanyuvesi. Laba abasemakhaya sibathatha sibahambise esikhungweni sethu la behlala khona ukuze kungabi bikho okubaphazamisayo, baqeqeshwe kahle,” kusho uMkhwanazi.
Uthe ngale midlalo uyanxusa ukuthi omasipala babaxhase njengoba ziziningi izindleko ababhekana nazo besiza intsha.
“Konke kusuka kimi ephaketheni, kusuka ekudleni, izindleko zokubasusa la bekhona njengoba beza kule midlalo nezinto abazigqokayo. Ngakho ukuthola uxhaso kungasisiza kakhulu ukuze siqhubeke sisize abafana abasakhula. Ngelinye ilanga ngiyafisa ukuthi abaphathi bamaqembu amakhulu babe khona emidlalweni efana nalena, njengoba ngingangabazi ukuthi bangathola abafana abangabasebenzisa,” kuchaza yena.
Uthe le midlalo izobanjelwa khona eMtubatuba ezinkundleni zezemidlalo KwaMsane futhi izoqala ngo-9 ekuseni.
Uthe iqembu elizodla umhlanganiso esifundazweni lizongena kwi-ABC Motsepe League.