CISHE zonke izikhulumi ebezisenkonzweni yomngcwabo kaDingaan “The Rose of Soweto" Thobela, eDlamini Multipurpose Centre, eSoweto, ziphakamise ukuthi kwenziwe isiqiniseko sokuthi lingashabalali igama lakhe nakwenzele iNingizumu Afrika.
Umufi ufihlwe njengeqhawe emathuneni aseWest Park khona eGoli. Lo mngcwabo bewungaphansi kohlelo lukahulumeni waseGauteng.
UThobela, owazalelwe eChiawelo, eSoweto, ngoSepthemba 24 ngo-1966, watholwa ngoMsombuluko odlule eshonile efulethini lakhe ngemuva kwezinsuku engatholakali ocingweni.
Umndeni wezamankomane, abangani, osomabhizinisi, izikhulu zikahulumeni nabanye, bebephume ngobuningi bezofihla leli qhawe elike laba umpetha weWBO, WBA neWBC World esibhakeleni.
Kuvele ukuthi lishiye izingane ezingu-14.
Kuvuke umunyu enkonzweni yomngcwabo ngesikhathi uPeter Ngatane owake waba usihlalo webhodi leBoxing South Africa (BSA), ethi akushaywe insimbi amahlandla alishumi.
"Eringini uma ibhokisa lize labalelwa kwaze kwafika eshumini lingavuki phansi, kusho ukuphela kwempi. Lisuke selihluliwe. Njengoba noThobela engavuki ngemuva kokushaywa kwayo amahlandla alishumi, kusho ukuthi ngeke esavuka. Hamba kahle Thobela, ukwaze ukuba yimbali phezu kokuba bewuphuma obhuqwini lwaseSoweto. Amanye amabhokisa aziteketisa ngezingwenya nangezinye izilwane ezesabekayo. Wena waqoma ukuzetha ngembali. Sithi hamba kahle. Sizohlale siyikhumbula imisebenzi yakho," kubeka uNgatane othe kumele kwenziwe okuthile ukuze kugcinwe umlando kaThobela.
Esinye sezikhulumi ebesiqavile ilowo owafundisa uThobela isibhakela, umqeqeshi, uNorman Hlabane.
Amabhande ele-WBO nele-WBA, uThobela wawanqoba ngaphansi kwalo mqeqeshi.
"Kubuhlungu ukukhulisa ingane bese kuthi gwiqiqi kuthiwe ayisekho emhlabeni. Selokhu ngizwe izindaba zokushona kukaDingaan angikaze ngibe imina. Angikaze ngiye nasejimini. Ngiqale ngalahlekelwa uLehlohonolo Ledwaba manje sekuwuDingaan. Hamba ngokuthula ndodana," kubeka uHlabane.
Ube esebiza phambili wonke amabhokisa ajima noThobela. Kuwona kukhulume uBrian Mitchell.
"Ngicela intsha ibheke izimpi zikaThobela eziqoshiwe ukuze izibonele ukuthi kungani ehlonishwa kangaka. Ikakhulukazi amabhokisa asakhula kuningi angakufunda. UThobela ubengelona ibhokisa kuphela, ubewumuntu omnene nobehlonipha. Masibambisane ukugcina umlando kaThobela,“ kusho uMitchell.
Indodana kaThobela, uDingaan Jr, ebihambisana nodadewabo, uNtombi, ichaze uyise njengobenamahlaya, oyohlale eyiqhawe. Kuphinde kwafundwa nencwadi yabazali bakamufi.
"Kuyishwa ukuthi ithina esingcwaba wena. Besicabanga ukuthi uwena oyofihla thina. Kubuhlungu, sinemibuzo eminingi. Nakuba kunjalo, besingobani thina esingaphikisa intando kaNkulunkulu. Ngesikhathi sikuhambisa kuHlabane sasingazi ukuthi uzoba umpetha womhlaba wamabhande amathathu. Hamba kahle mbali yethu.“
Omunye wodadewabo kamufi, u-Agnes Thobela, umchaze njengobehlonipha, egangile, enamahlaya. Ube eseyala izingane zakhe ukuthi zingavumi ukuqhathwa abantu.
"Bukelani kithina, siyazwana. Uma niphambana ngemibono hlalani phansi nikhulume. Bakhona abantu abazofuna ukungena phakathi kwenu. Uma nibambene ngeke balunge," kubeka u-Agnes inkulumo yakhe enanelwe ihlombe.