UNQOTSHWE uZanele Ndlovu umjaho wabesifazane we-iNkandla May Horse Racing ngoMgqibelo oNgwegweni, eNkandla.
Le ntokazi eneminyaka engu-21 eqhamuka eMgungundlovu, KwaDindi, ibigibele ihhashi uBhoyka elibuye liteketiswe ngoBig Nuz, nalapho yehlule imfivilithi ebibhekiwe kuwona lo mjaho wamahhashi omtelebhelo uNokubonga Gamade obegibele ihhashi owanqoba ngo-Inkinga nyakenye. Kulokhu uphume endaweni yesithupha egibele uSicefe.
Bekungokokuqala uNdlovu eba yingxenye yalo mjaho womtelebhelo obanjwa minyaka yonke endaweni yase-Nkandla.
Ekhuluma nabezindaba uzwakalise ukujabula okuyisimanga njengoba kukade bekuyisifiso sakhe sokuthi azishiye zimbuka izithende izimbangi zakhe.
"Kuyintokozo kimina ngoba bengihlezi ngiyingenela eminye imijaho kodwa kungalungi," kusho uNdlovu.
Uthembise ukuthi akusikho okokuqala nokokugcina ewunqoba lo mjaho.
"Ngiyathembisa nakulabandeli bami ukuthi ngizozama ukuthi ngiqhubeke ngenze kahle."
Ulandise wathi unesifiso sokuthi anqobe umjaho weDundee July.
"IDundee July iwona mjaho engingathi unabantu nabaxhasi abaningi, ngakho-ke kuyisifiso sami ukuthi ngiwuwine. Kuzongivulela amathuba amaningi ngoba ngifuna ukuqhubekela phambili namahhashi," usho kanje.
Uqhube wathi bakhona abekade ebukela kubo uma kuziwa emjahweni wamahhashi.
"Kade ngibukela kwintokazi yangasekhaya uSnothando Thabethe oneminyaka engaphansi kwami. Omunye usisi ebengibukela kuye uNokubonga Gamede ebesibuye singenele naye eminye imijaho ngenxa yesiphiwo anaso sokugibela ihhashi. Ukuhlula ojokhi asebemnkantshubomvu kuyangijabulisa," ubeke kanje.
Ngokunqoba lo mjaho obekungowesithupha osukwini, uNdlovu ukhale wemuva no-R8 000. Ihhashi elilale isibili uMfenemavovo ebeligitshelwe uNolwazi Nxumalo lithole u-R7 000, kwathi elesithathu kwaba ngu-Medical yena othole u-R5 000.
Emjahweni wabesilisa nobekungumjaho omkhulu (stage 1), ihhashi ebelibhekwe ukuthi lizidlele amahlanga uNxakanxaka eligitshelwa uSphamandla Gama, lihlulekile ukuvikela isicoco njengoba likhale ngaphansi.
Ihhashi uMbayimbayi eligitshelwa uMelusi Gamede lemuke no-R30 000, elilale isibili uZamcolo ogitshelwa uSiyabonga Mabaso lihambe no-R20 000, elesithathu kube u-Amazondo obegitshelwe uNeo Gama, ohambe no-R10 000.