UMDLALI wasesiswini weCell C Sharks, uMurray Koster uthi bahlose ukuqeda isomiso seminyaka emine bengayinqobi iCurrie Cup njengoba lo mqhudelwano uzoqala ngempelasonto.
ISharks yagcina ukuphakamisa le ndebe ngo-2018, ihlula iWestern Province ngo 17-12 kowamanqamu eKapa. Kwakungowesishiyagalolunye idla umhlanganiso selokhu wasugulwa ngo-1892.
Eminyakeni emine edlule leli qembu laseThekwini lifinyelele kabili kowamanqamu, laguqiswa yiBulls kuyona yomibili imidlalo.
Iqembu iSharks leCurrie Cup liqeqeshwa nguJoey Mongalo olekelwa yizinkakha zaleli qembu, uLwazi Mvovo noJP Pietersen.
Lizodlala owokuvula ngoMgqibelo lapho lizodudulana neNovavit Griffons yaseFree State eHollywoodbets Kings Park ngo-1.30 ntambama.
IGriffons ikhushulelwe esigabeni esiphezulu, iPremier Division, ngemuva kokunqoba isicoco seFirst Division ngesizini edlule. Noma kunjalo uKoster uthe ngeke balithathe kancane leli qembu elingomakoti.
“Siyazi ukuthi iGriffons isichithe isikhathi esinde ilungisela ukuqala kwesizini. Sebehlale izinyanga eziningi ndawonye futhi bakulambele ukudlala kulo mncintiswano. Bazobe bebheke ukusiqumba phansi ukuze babonise namanye amaqembu ukuthi abazele ukuzokwandisa isibalo kulesi sigaba,” kusho uKoster.
ISharks kuzomele ithole indlela yokuhlanganisa iqembu layo leCurrie Cup ngokushesha njengoba kunenqwaba yabadlali abaseqenjini elidlala imiqhudelwano emibili yaphesheya, i-United Rugby Championship neHeineken Champions Cup.
“Kuyinselelo kithina ukuthi abadlali baphuma bengena ezikwatini ezehlukene. Kufanele sihlanganise labo badlali nabancane nabaphuma emaqenjini asezigabeni eziphansi,” uKoster uqhube kanje.
“Sineqembu elihluke kakhulu, kodwa inselelo esibhekene nayo wukulihlanganisa ngokushesha futhi siqinisekise ukuthi sidlala kahle zibekwa.
“ICurrie Cup wumqhudelwano webhola lombhoxo, ohamba phambili eNingizimu Afrika. Siyazi ukuthi iCell C Sharks kayikaze iwunqobe kusukela ngo-2018 futhi sizimisele ngakho konke esinakho ukuthi siwuguqule lowo mlando.”