INKOSIKAZI yomdlali wamaBhokobhoko, u-Iva Ristic, ifuna athathelwe izinyathelo zokuqondisa ubugwegwe, umsebenzi waleli qembu osolwa ngokuthandana nomyeni wayo ongumdlali waleli qembu lesizwe, u-Elton Jantjies.
Sekuvele ukuthi uRistic unikeze umqondisi we-rugby kuleli, uRassie Erasmus, ubufakazi obuveza ukuthi bese bunesikhathi buqhubeka ubudlelwano phakathi kukaZeenat Simjee noJantjies. uSimjee uyi-dietician eqenjini lesizwe.
Izindaba zomjolo wabo okuthiwa ubuvutha amalangabi zivele ezinyangeni ezedlule, baze babuyiswa ekhempini yamaBhokobhoko kuthiwa kwenzelwa ukuthi bazobhekana nalezi zinsolo.
Baphika balala ngomhlane ukuthi bayajola. Ngaleso sikhathi iSA Rugby yathi awukho umgomo weqembu abawuphulile.
Iphephandaba langeSonto, iRapport, okuyiyona eyaqhumisa ithumba, selibike ukuthi uRistic ufuna u-Erasmus athathele uSimjee izinyathelo.
Kuthiwa yize uRistic esekubeke obala ukuthi akasazimisele ngokuqhubeka nokuthandana noJantjies kodwa ufuna akhokhe lona owesifazane “owahlambalaza” yena nomndeni wakhe.
Ngesikhathi uJantjies noSimjee bephika ukuthi bayajola, bathi ungamampunge umbiko weRapport, owawuveza ukuthi babehlangana ebusuku ezindaweni zokuphumula eNelspruit. Bathi lolu daba alunabufakazi. Nokho ngesonto eledlule, uJantjies uphumele obala wavuma ukuthi kukhona abebekwenza.
Okuvelayo wukuthi uRistic ucasulwa wukuthi impilo kaSimjee iyaqhubeka sengathi akwenzekanga lutho njengoba kuyimanje esekhempini yamaBhokobhoko anemidlalo phesheya, ekubeni umyeni wakhe usekhishiwe eqenjini.
IRapport ibika ukuthi uRistic unikeze u-Erasmus ubufakazi bemiqhafazo phakathi kukaSimjee noJantjies ekhombisa ukuthi laba bebeqhuba umjolo wabo noma besemakhempini amaBhokobhoko, bebengakwenzi ngesikhathi sabo njengoba kwenzeka eNelspruit.
Kubikwa ukuthi uRistic ukhombise iRapport ubufakazi besicelo sokugcinelwa indawo yesidlo esiklebheni eSydney Harbour. Kuthiwa lesi sicelo senziwa uSimjee ukuze babe ndawonye noJantjies ngoLwesine olwandulela umdlalo welakuleli ne-Australia ngoSepthemba 3. Kuthiwa isidlo sabiza u-A$ 236 (R27 000). USimjee wabe esethumelela uJantjies umyalezo othi “ngicela ukhumbule”, emazisa ngokuhlangana kwabo.
Kubikwa ukuthi uRistic ubuye wakhombisa u-Erasmus imininingwane yokubhukwa kwebhanoyi nehhotela kwalaba bobabili. U-Erasmus usale “eshaqekile” ngale miyalezo, wathi uzoyidlulisela emnyangweni wezindaba zabasebenzi (HR) kwiSA Rugby.