KUMDUMAZILE ukusonga iNdebe yoMhlaba ngesibhaxu ukaputeni weqembu lakuleli, uBongiwe Msomi, nakuba ekholwa wukuthi kuningi abakufundile kulo mqhudelwano obubanjelwe eCape Town International Convention Centre eKapa kusukela ngoJulayi 28.
AmaProteas aguqiswe yi-Uganda ngo 49-47 emdlalweni wawo wokugcina izolo, agcina elele isithupha.
Angene kulo mqhudelwano ebheke ukuthola indondo ekhaya ngemuva kokuqeda endaweni yesine eLiverpool, e-England, ngo-2019.
Nokho ahlulekile ukudlulela kowandulela owamanqamu njengoba eqede isithathu eqoqweni lawo lesibili ngemuva kweJamaica neNew Zealand.
Abe eseguqisa iTonga emdlalweni wokuqala wokuhlungela izindawo nokwenze laphinde lahlangana ne-Uganda. Besekungokwesibili bebhekana kulo mqhudelwano njengoba kowamaqoqo elakuleli lanqoba ngo 52-50.
Emdlalweni wayizolo kuphinde kwagqama amaphutha nokukhathala eqenjini lakuleli.
"Besifuna ukunqoba futhi bekubalulekile kithina ukuthi senze konke okusemandleni ethu ukuze sigcine indawo (yesihlanu) esikleliswe kuyona emhlabeni. Ngeshwa asiphumelelanga kodwa angikholwa ukuthi lo mphumela uzodala ukuthi sigudluke endaweni yethu," uMsomi usho kanje kwabezindaba.
"Ngicabanga ukuthi sibe novalo savele saphisana ngamabhola amaningi. Sikhulumile ngokuthi kufanele sishintshe indlela esiphasa ngayo ngoba besazi ukuthi sebeyifundile.
“Ngicabanga ukuthi yilapho esiwulahle khona umdlalo ngoba sihlulekile ukubadida. Yize besilokhu sibuya siphinde silinganise isibalo samagoli kodwa besingakwazi ukubadlula ngenxa yokuthi bebeligcina kahle ibhola. Kumele sibashayele ihlombe ngoba badlale kahle.
"Ngiphoxekile njengamanje kodwa ngisadinga ukubuyela ekhaya ngiyowucubungula kahle lo mphumela. Okwamanje angazi nokuthi ngingathi ngizizwa kanjani.”
Uthe akangabazi ukuthi iqembu belizimisele kuyo yonke imidlalo.
"Ngaphambi kwalo mdlalo besinerekhodi elihle. Besihlulwe yiJamaica kuphela, sadlala ngokulingana neNew Zealand. Kubuhlungu ukuthi sesiphinde sakhala ngaphansi kodwa yonke imiphumela ihambisana nezifundo ezithile," uqhube kanje.
"Kumele siziqhenye ngabadlali abasebancane esinabo, ikakhulukazi labo abebeqala ukudlala kulo mqhudelwano omkhulukazi. Angingabazi ukuthi ikusasa liqhakazile futhi singenza okungcono ngokuzayo uma sithola uxhaso olufanele."
Umqeqeshi, uNorma Plummer, kulindeleke ukuthi azibeke phansi izintambo ngemuva kohambo lwase-Australia ngo-Okthoba kodwa uthe okuningi kuncike ezikhulwini zeNetball South Africa.
"Ngivumile ukuthi ngizoqhubeka neqembu emidlalweni esizoyidlala e-Australia kulo nyaka kodwa anginaso isiqiniseko sokuthi kuzokwenzekani ngemuva kwalokho," usho kanje.
"Ngiyaziqhenya ngaleli qembu ngoba lidlale kahle yize lingazilungiselelanga ngokwanele. Sibe namakhempu amathathu kodwa abadlali bazinikele futhi kuyakhombisa ukuthi bebekwenza lokhu ebesicela ukuthi bakwenze noma bengekho ekhempini yeqembu lesizwe.
"Sekuyisikhathi sokuthi abadlali bakuleli bahlonishwe, bakhokhelwe kahle njengalaba abadlala kumaligi aphesheya. Lokho kuzokwenza ukuthi likhuphuke izinga le-netball eNingizimu Afrika. Labo abazothola amathuba okuyodlala phesheya kumele bawasebenzise," uphethe kanje.