IZINHLELO zomsubathi wakuleli uCaster Semenya zokubamba iqhaza emqhudelwaneni we-Athletics South Africa (ASA) Senior National Championships nezesizini ka-2023, zibukeka ziphazamisekile kulandela ukubuyekezwa kwemithetho yenhlangano eyengamele ezokusubatha emhlabeni, iWorld Athletics.
USemenya bekumele agijime umjaho ka-10 000m izolo ePotchefstroom, eNorth West kanjalo naku-5000m kodwa ngeke esabakhona ngemuva kokuthi iWorld Athletics ikhiphe imithetho eqondene nabagijimi besifazane abakhiqiza amazinga aphezulu e-testosterone.
Phambilini bebevunyelwa ukugijima emijahweni engaphansi kuka-400m nangaphezulu kuka-1500m ngaphandle kokwehlisa izinga le-testosterone, nokwenze uSemenya wangena ku-5000m, eshiya ibanga lika-800m lapho enqobe khona izindondo ezimbili zegolide kuma-Olympics.
Izinguquko zakamuva ezimenyezelwe ngoLwesine olwedlule zisho ukuthi ngeke esakwazi ukugijima nasemabangeni amade ngaphandle kokwehlisa izinga le-testosterone.
Ngokwale mithetho eqale ukusebenza namuhla, abagijimi besifazane abane-testosterone ephezulu kufanele bayehlise ibe ngaphansi kuka-2.5 nmol/L okungenani izinyanga ezingu-24 ngaphambi kokuthi bagunyazwe ukugijima noma ukubamba iqhaza kweminye imidlalo eyenganyelwe yiWorld Athletics.
Laba abebevele bebambe iqhaza kumele behlise izinga le-testosterone libe ngaphansi kuka-2.5nmol/L izinyanga eziyisithupha ngaphambi kokuba bavunyelwe ukuthi baphinde baqhudelane.
Umengameli we-World Athletics, uSebastian Coe, uthe lezi Izinguquko ezenziwe emithethweni eyabekwa ngo-2019 bezidingeka kulandela uphenyo olwengeziwe olwenziwe eminyakeni emithathu eyedlule.
“Izinqumo zihlale zinzima uma zibandakanya izidingo namalungelo abantu abahlukene, kodwa sisanombono wokuthi kumele sivikele abasubathi besifazane ngaphezu kwakho konke okunye,” kusho uCoe esitatimende seWorld Athletics esishicilelwe nakwi-website yayo.
“Kulokhu sizoqondiswa yisayensi emayelana nokusebenza komzimba nokuthi yini eyenza abesilisa bahluke baphinde babe namandla kunabesifazane.
“Njengoba kuzotholakala ubufakazi obengeziwe, sizosibuyekeza isinqumo sethu, kodwa sikholelwa ekutheni kubalulekile ukuthi kuvikelwe ubuqotho besigaba sabesifazane kwezokusubatha,” kusho isitatimende.
USemenya ungenele umjaho ka-5000m kumaWorld Championships e-Oregon, e-United States ngonyaka odlule. Akazange afinyelele kowamanqamu ngemuva kokuqeda endaweni ka-13 emjahweni wakhe wokuqala ngesikhathi esingu-15:46.12.
Ekhuluma neCity Press emasontweni amabili edlule, uthe ngeke aziphoqe ukuthi angenele amaWorld Championships alo nyaka azoba seBudapest, eHungary ngo-Agasti njengoba inhloso yakhe enkulu bekuwukulungela ama-Olympic azobanjelwa eParis, eFrance ngonyaka ozayo.
USemenya uke wavula icala enkantolo yezemidlalo, iCourt Arbitration for Sports, ephikisana nemithetho yeWorld Athletics kodwa wangaphumelela.
Khona manjalo, uGlenrose Xaba usivikele isicoco sakhe sakuleli somjaho ka-10 000m ngesikhathi ewunqoba ngesikhathi sika-33:02.13 izolo.
Ebangeni elifanayo kwabesilisa, isicoco sithathwe ngu-Andries Sesedi oqede ngesikhathi sika-29:52.20.
Umpetha wanyakenye uMbuleli Mathanga akawungenelanga umjaho kanti u-Elroy Galant uhoxe usuphakathi ngemuva kokudonseka umsipha.
Khona izolo kubonakale uWayde van Niekerk kule midlalo kazwelonke ngemuva kwesikhathi eside ngenxa yokulimala.
Nyakenye wahoxa ngemizuzu yokugcina ku-400m ngenxa yokulimala. Uwunqobe kalula umjaho wakhe wokuhlungela owandulela owamanqamu enza-45: 95.