IKWAZULU-NATAL Athletics (KZNA) izishaya isifuba ngezindondo eziyishumi ezinqobe kuma-ASA Senior Track & Field National Championships abebanjelwe eMsunduzi Athletics Stadium, eMgungundlovu.
Ezifundeni ezingu-17, ze-Athletics South Africa (ASA), umhlanganiso udliwe i-Athletics Gauteng North (AGN), ngezindondo eziwu-62.
Zibe u-26 ezegolide, 18 ezesiliva neziyisibalo esifanayo zethusi.
Isibili kube iBoland Athletics ngeziwu-25. Ezegolide zibe u-11, zaba u-10 ezesiliva, ezethusi zaba zine.
Kweyesithathu kulale i-Athletics Central North West (ACNW) ngeziwu-26.
Ithole eziwu-11 zegolide, eziyisishiyagalombili zesiliva neziyisikhombisa zethusi.
IKZNA eyenganyelwe uSteve Mkasi, ilale endaweni yesikhombisa.
Ihlabane ngezimbili zegolide, ezintathu zesiliva nezinhlanu zethusi.
Lo mqhudelwano ubuzosiza nabasubathi ukuthi bakwazi ukushaya izikhathi ezizobafaka kuma-Olympic Games aqala ngoJulayi 26, asongwe ngo-Agasti 11, eParis, eFrance.
Bekuphinde kuhlungwe eliya kumaWorld Athletics Under 20 Championships, eLima, Peru, ngo-Agasti 27 kuya ku-31.
UMkasi utshele Isolezwe ukuthi bayaziqhenya ngesibalo sezindondo esizuzwe iKZNA eMgungundlovu. Uthe okukhulu kunakho konke ukuthi kulo nyaka lesi sifundazwe sizoba nabasubathi abathathu abaya kuma-Olympic.
"IKwaZulu-Natal iyaqala ukuzuza lesi sibalo sezindondo. Ibihlala ibuya nezimbalwa kakhulu, ebezinqotshwa umufi, uMbuleli Mathanga noZakithi Nene. Okunye okuhle, iningi labasubathi bethu lenze izikhathi ezinhle laphinde lafinyelela ngobuningi balo emijahweni yamanqamu. Kuyisibusiso ukuthi sizoba nabasubathi abane kuma-Olympic. Neqembu lamajuniya lenze kakhulu," kubeka uMkasi.
Uqhube wathi izindondo eziningi bazithole kumabanga aphakathi nendawo.
“Kuzomele siqinise kakhulu ekucijeni abagijimi bethu kumabanga aphakathi nendawo. Kuyacaca ukuthi senza kahle kuwo. Ngeke kusisize ukufuna ukwenza kahle kuwo wonke amabanga.”
Kubasubathi baKwaZulu-Natal abaya eParis, uNene noPrudence banikele eMgungundlovu sebezenzile izikhathi.
Ku-400m abesilisa kumele benze esiwu-45.00. EMsunduzi, uZakithi wenze esiwu-44.80. UPrudence ocijwa uMdu Khumalo wePhantane AC, uye eMgungundlovu enze esika-800m, esiwu-1:58.05. Abesifazane baphoqeleke ukushaya esiwu-1:59.30. Ngeledlule uphinde wenza esika-1500m.
Omunye wakulesi sifundazwe oselithengile ithikithi eliya eParis, uTshepo Tshite kuwo-1500m. Siwu-3:32.98, esempoqo u-3:33.50.
Sebebonke kuleli asebezenzile izikhathi zama-Olympic, kwabesifazane, ngoMarione Fourie (100m hurdles), Zeney Geldenhuys noRogail Joseph (400m hurdles), Prudence Sekgodiso (800m naku-1500m), Gerda Steyn, Irvette van Zyl noCian Oldknow (marathon).
Kwabesilisa, u-Akani Simbine (100m), Luxolo Adams noBenjamin Richardson (200m).
Ku-400m kukhon uLythe Pillay noNene.
Kukhona uTshite (1500m), Adriaan Wildschutt (5000m no-10 0000), Stephen Mokoka (marathon) noJovan van Vuuren (long jump)