UKUSHAYA isikhathi esihle ukuzedlula zonke emlandweni wakhe njengomsubathi weComrades Marathon, kukhuthaze uFikile Mbuthuma ngeSoweto Marathon azoyigijima ngoNovemba.
UMbuthuma, ogijima ngaphansi kweNedbank Running Club, ungomunye wabasubathi abasize le kilabhu yenza kahle yanqoba iteam prize ekuyo yomibili iminxa, owabesilisa nabesifazane.
UMbuthuma, ozinze eThekwini, uqophe isikhathi esingu-6:50:19.
Abanye ayibambe nabo kwi-Elite Female Team Prize, ngu-Adele Broodryk, Galaletsang Mekgoe noDeanne Laubscher.
“Kulo nyaka ngigijime kahle kakhulu kwiComrades marathon. Kungijabulise kakhulu lokho ngoba bengiyigijima okuka-15. Singonomlando obambekayo nje impela,” kusho uMbuthuma.
“Ukwenza kahle kwiComrades, kunginike ithembe ngokwenza kahle kwiSoweto Marathon engoNovemba.”
UMbuthuma uthe ngaphambi kweSoweto Marathon uzobe eyibamba kuma-10k nakuma-21K kanti kukhona ngokunjalo nomjaho abayingxenye yawo ngokuthi uxhaswe yiNedbank.
Lowo ubizwa ngokuthi #Run4Avos Strava Challenge novuleleke kubo bone abantu abathanda ukugijima.
Kungenwa ngokubhalisa kwi-www.strava.com. Abazowungenela bazibeka ethubeni lokunqobe enye yamavawusha angu-50 000 okuthenga e-Avo SuperShop.
“Inhloso njengayo yonke imijaho, neyalo wukukhuthaza ukuzigcina ungumqemane futhi uqatha emzimbeni,” kusho uMbuthuma.
“Nami ngizowugijima lo mjaho. Simema umphakathi ukuthi ufike ngaphandle kwaseKings Park Athletics Stadium, eThekwini emcimbini wokuwethula ngoLwesibili ngo-5.30 ntambama.”