UTHEMBISA ukuthi basazozinikela emdlalweni wabo wokugcina wamaqoqo kwiHeineken Champions Cup, umqeqeshi weCell C Sharks, uNeil Powell, nakuba sebezibekisele indawo esigabeni somkhumulajezi kulo mqhudelwano.
I-Sharks ibe yiqembu lokuqala lakuleli ukungena kwiLast 16 ngokuthela phansi iqembu laseFrance, iBordeaux-Begles, ngo-32-3 eHollywoodbets Kings Park, ngempelasonto.
Lo mphumela uyibeke endaweni yesibili ku-Pool A ngamaphuzu angu-14 emidlalweni emithathu.
UPowell uthe umdlalo wangoMgqibelo neHarlequins usabalulekile.
Amaqembu amane azoqeda phezulu eqoqweni ngalinye azodlalela imidlalo yawo kwiLast 16 ekhaya.
“Sinqobe kahle, kusobala ukuthi ukuthola amaphuzu amahlanu bekubalulekile. Bekuyinhloso yethu ukuthola amaphuzu amahlanu ukuze singene nomfutho emdlalweni olandelayo neHarlequins,” kusho uPowell.
“Ukungasebenzisi laba badlali ngesikhathi sibhekene noConnacht (kwiUnited Rugby Championship) kuholele ekutheni singadlali ngendlela esezingeni eliphezulu kodwa ngiyethemba ukuthi sisazobhukula emidlalweni ezayo.
“Ukungena kwiLast 16 ngeke kuphazamise izinhlelo zethu zomdlalo olandelayo. Kusekuningi okumele sikudlalele, njengokudlala imidlalo yethu yomkhumulajezi ekhaya.
"Ukuthola amaphuzu engeziwe kwiHarlequins kuzosinika ithuba elingcono lokudlala imidlalo yethu ekhaya futhi uma ubheka umlando womqhudelwano kuyacaca ukuthi amaqembu enza lokho anethuba elikhulu lokunqoba."
U-Powell unethemba lokuthi umdlali osemuva, uCurwin Bosch, uzobe esebuyile uma sebebhekene neHarlequins njengoba engadlalanga kodlule ngenxa yokulimala.
“UBosch ulimale umsipha ongemuva kwethanga ngesikhathi siziqeqesha ngoLwesine (olwedlule). Besinethemba lokuthi uzodlala kodwa ngeshwa ubengekho esimeni esifanele futhi besingafuni ukumfaka engozini,” usho kanje lo mqeqeshi.
"Ongoti bethu banethemba lokuthi uzobuya emdlalweni ozayo kodwa futhi kufanele sizibuze ukuthi siyafuna yini ukumbeka engcupheni noma simsize alulame ngokugcwele?"
I-Sharks isibambe umoya ngabanye abadlali ababili, uBongi Mbonambi noBoeta Chamberlain, abaphume enkundleni belimele ngempelasonto.