I-COMRADES Marathon Association (CMA) isiqinisekise ukuthi umjaho wangonyaka ozayo uzoba ngumenyuko oyophelela eMgungundlovu usuka eThekwini.
Bese kudlule iminyaka emibili ungagijinywa lo mjaho kwazise kugcine ngo-2019 ngaphambi kokubheduka kweCovid19 ukuba kuyoqedelwa eMgungundlovu.
Umjaho awubanga khona ngo-2020 nango-2021 ngenxa yalo ubhubhane.
Ubuye ngo-2022 wehlela ngokunjalo nango-2023.
Esitatimendeni esithunyelwe yi-CMA, kuqinisekiswe ukuthi umjaho wangonyaka ozayo uzokuba ngoJuni 9 nokuyobe kuyiSonto.
Usihlalo we-CMA, uMqondisi Ngcobo, uqinisekise ukuthi umjaho uzophelela eMgungundlovu nakholwa wukuthi kuzolekelela ekuzilungiseleleni kwabasubathi.
“Abasubathi kade bekulindele ukuqinisekiswa komzila womjaho wangonyaka ozayo. Singakuqinisekisa ukuthi uzophelela kwiCity of Choice,” kusho uNgcobo.
Umqondisi womjaho, uRonwyn James, uthe basazoqinisekisa isiteshi lapho kuzokhala khona isibhamu sokugcina sokuvala umjaho.
* Khonamanjalo, bebephume ngobuningi abasubathi bezinga eliphezulu ngesikhathi kwethulwa ngokusemthethweni iHollywoodbets Durban 10km ezogijinywa kusasa (ngeSonto).
Kusuka kwesobunxele nguCian Oldknow, Gerda Steyn ongumpetha weComrades Marathon yalo nyaka, Neheng Khathala waseLesotho, Taylo Kavanagh nentokazi yaseKhilimoni, e-Underburg, uCacisile Sosibo.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngo-2022 lo mjaho unqotshwe nguye uCacisile.
NgeSonto, kwabesilisa kuzobe kuboshelwe izinyamazane ezinjengoNkosikhona Mhlakwana waKwaMathandubisi, eHowick, Kabelo noCollen Mulaudzi, Jobo Khatoane ukusho abambalwa.
Ozoshaya intambo kubo bobubili ubulili uzogoduka noR35 000.