UKWENYUSA izinga kwabagijimi bakuleli kuma-ASA Senior Track & Field National Championships asongwe ngeSonto, eMsunduzi Athletics Stadium, kunika umengameli we-Athletics South Africa (ASA) ithemba lokuthi elakuleli lizoliqeda ishobolo lokuhlulwa izindondo kuma-Olympic Games.
Izindaba ezinhle ngalo mqhudelwano obuseMgungundlovu, ukuthi abasubathi abahlanu bakuleli, bakwazile ukwenza izikhathi ezibafaka kuma-Olympic aqala ngoJulayi 26, asongwe ngo-Agasti 11, eParis, eFrance.
Ebangeni lika-400m kwabesilisa, uLythe Pillay, uthenge ithikithi eliya eParis ngesikhathi esiwu-44:31.
UZakithi Nene wodumo kuleli banga, uye kule midlalo esevele esesigijimile isikhathi sama-Olympic.
Usenze ochungechungweni lwamaDiamond League, nyakenye.
EMgungundlovu ushaye esiwu-44:80.
IWorld Athletics ifuna u-45:00 kwabesilisa. Kwabesifazane le nhlangano ifuna u-50:95.
UZeney Geldenhuys owake waba ingqwele nakumajuniya, kuma-400m Hurdles, unqobe indondo yegolide ngesiwu-54.72, uRogail Joseph wenza esiwu-54.84.
Ku-200m wabesilisa, uBenjamin Richardson, umangaze abaningi ehlula, uWayde van Niekerk. Ushaye intambo ngesikhathi esiwu-20.16.
UMoloi uthe bajabule ngokwenziwe abagijimi eMgungundlovu. Uthe uma kuya ngezikhathi ezenziwe eMphithi, nangokukleliswa kwabasubathi kwizilinganiso zamaWorld Athletics, balindele ukuhamba nabagijimi abawu-40.
Kuma-Olympic, abengo-2021 nakuma-World Athletics Championships nyakenye, ezokugijima, azizange zithole neyokubika indondo.
Elakuleli lasindela uTatjana Schoenmaker owanqoba eyegolide, kwezokubhukuda, kwiWomen's 200m Breastroke. Wabuya wathola indondo yeTokyo kuma-Olympic, kwathi uBianca Buitendag wathola ithusi kwi-surfing.
“Asenzanga kahle emiqhudelwaneni edlule. Kulokhu, sizozama ukwenza kahle, uNkulunkulu uzosisiza. Kuyiwa eParis, kumele senze isiqiniseko sokuthi siyanqoba. Izikhathi ezenziwe abagijimi zisinika ithemba. Konke kuhamba kahle, akukuhle kuthina ukuthi sibhacazile eminyakeni edlule,” kusho uMoloi.
UGlenrose Xaba ubese eMgungundlovu enethemba lokuthi uzokwazi ukuzibekisela isikhathi sama-Olympic ku-10 000m. Yize ekwazile ukuvikela lesi sicoco kodwa uhlulekile wukushaya isikhathi sokuya eParis esibekwe ku-3:40:00. Le ntokazi ubuye namagolide amabili njengoba idle umhlanganiso ku-5000m.
U-Akani Simbine uvikele isicoco sika-100m kanti ubuye kule midlalo naye esenalo ithikithi eliya kuma-Olympic. Kwabesilisa ku-5000m kunqobe u-Adriaan Wildschutt kwathi umfowabo uNadeel wanqoba ku-10 000m.