BABONGA uNkulunkulu ngokuba nonyaka omuhle uBathabile “Silence Gun” Ziqubu (32) noThema “Stone Cold” Zuma (30) impi yabo ebingo-Febhuwari ehlabane ngendodo yeFemale Fight of the Year kumaSA Boxing Awards.
Umcimbi wale miklomelo ubungoLwesihlanu olwedlule eNkosi Albert Luthuli International Conventional Centre (ICC) eThekwini.
Kule mpi, ebiqhathwe yiStarline Boxing Promotions kaZandile Malinga, uThema unqobe ngamaphuzu kade evikela ibhande lakuleli leJunior Bantamweight.
Beyiyingxenye yomqhudelwano obuseVryheid obekuhlonishwa ngawo uSimiso "Gandaganda" Buthelezi, oshone ngoJuni 7 nyakenye ngemuva kokushayeka kabuhlungu elwa noSiphesihle Mtungwa.
Impi yayingoJuni 5 eGreyville, eThekwini.
Babonge banconcoza kuMalinga weStarline ngokubaqhatha.
UBathabile, onguthisha eHlonipha Primary School, uthe: “Bekungathi ngiyaphupha ngesikhathi kumenyezelwa ukuthi yimpi yami noThema ezishaye zonke amakhanda. Lokhu kusho ukuthi salwa isibhakela sezinga eliphezulu. Ngesikhathi ngihlulwa uThema ngoFebhuwari, inhliziyo yami ibe buhlungu kakhulu.
“Nokho akuphelanga sikhathi uNkulunkulu wangibusisa ngebhande lomhlaba. Bheka manje usephinde ungigixabeza ngale ndondo.
“Ngibonga kakhulu kusisi Zandile nakubaphathi bami, iHlula Dladla Boxing Promotions, nakusisi uHlengiwe Dladla (weHle-Jobe Boxing Promotions).
“Ngabe ngenza iphutha nokungababongi abaqeqeshi bami, uMtuseni Dube noNkosinathi Thusi. Ngaphandle kwalaba ngabe kangikho kuleli zinga engikulo.”
UThema, odabuka eDududu, naye obonge abakhe abaqeqeshi, uPro Cabe noSizwe "Bhubesi" Mthembu.
“Ukuthola le ndondo kusho ukuthi liyathuthuka izinga lesibhakela sabesifazabe KwaZulu-Natal. Sethemba ukuthi namantombazane asemancane azogqugquzeleka ukungena kulo mdlalo. Ngithanda nokubonga umama uMalinga ngokuqhubeka nokusiqhatha,” kusho uThemba.
Kwenzeka lokhu nje, emuva kokuthi uBathabile ehluliwe empini eyayingoFebhuwari, wakhala ngokuthi njalo uma elwa noThema uyarojwa.
Waze wafunga wagomela kuleli phephandaba ukuthi ngeke aphinde alwe naye.
Akuphelanga sikhathi esingakanani, ube esethola impi yebhande leWBF International Junior Bantamweight ebelingaphethwe muntu.
Kujabule abaningi eshaya uRevai Madondo waseZimbabwe. Impi beyingo-Ephreli eGqeberha, e-Eastern Cape.
Emunxeni weFemale Fight of the Year, impi yabo ishaye eka-Asanda Simelani noThapelo Bhokwe, ekaHedda Wolmarans noRuth Chisane, ekaSharadene Fortuin no-Ellen Simwaka nekaSimangele Hadebe noStumai Muki.