ICOMRADES Marathon Association (CMA) isiqinisekise ukuthi umjaho wangonyaka uzoba ngumenyukela oyophelela eMgungundlovu usuka eThekwini.
Bese kudlule iminyaka emibili ungagijinywa umenyukela kwazise kugcine ngo-2019 ngaphambi kokubheduka kweCovid19 ukuba kuyoqedelwa eMgungundlovu.
Umjaho awubanga khona ngo-2020 nango-2021 ngenxa yalo ubhedukane.
Ubuye ngo-2022 wehlela ngokunjalo ngo-2023.
Esitatimendeni esithunyelwe yiCMA, kuqinisekiswe ukuthi umjaho wangonyaka ozayo uzokuba ngoJuni 9 nokuyobe kuyiSonto.
USihlalo weCMA, uMqondisi Ngcobo, uqinisekise ukuthi umjaho uzophelela eMgungundlovu nakholwa wukuthi kuzolekelela ekuzilungiseleleni kwabasubathi.
“Abasubathi kade bekulindelwe ukuqinisekiswa komzila womjaho wangonyaka ozayo. Singakuqinisekisa ukuthi uzophelela kwiCity of Choice,” kusho uNgcobo.
Umqondisi womjaho, uRonwyn James, uthe basazoqinisekisa isiteshi lapho kuzokhala khona isibhamu sokugcina sokuvala umjaho.