LISETHUBENI elihle lokuthi liphume kuGroup C namaphuzu aphelele iqembu lakuleli lesizwe lekhilikithi lamantombazane lika-Under-19 njengoba lizobhekana neNigeria kowokugcina.
Leli qembu liwuqale kahle lo mqhudelwano obanjelwe eMalaysia, linqoba iNew Zealand ngama-run angu-22 ngoMgqibelo.
Lidlule ngehubo emdlalweni walo wesibili, linqoba iSamoa ngamawikhethi angu-10 ngoLwesibili.
Kulo mdlalo leli qembu eliphekwa nguDinesha Devnarain lenze ezibukwayo likhipha iSamoa isashaye ama-run angu-16 kuphela eBorneo Cricket Ground.
Umshwibi ohambe phambili uNthabiseng Nini, othathe amawikhethi amathathu, wadedela ama-run amane kuphela. USeshnie Naidu, Fay Cowling noKayla Reyneke bathole amabili ngamunye.
USimone Laurens noJemma Botha bawahlanganise kalula ama-run angu-17 kungakapheli nama-over amabili.
“Ngijabule ngendlela engishwibe ngayo kulo mdlalo . Okungisebenzele kakhulu ukwenza izinto ngendlela engijwayele ukuzenza ngayo uma sizilolonga. Iziyalo esizithola kubaqeqeshi bethu nazo zikhathule indima enkulu. Bahlale besikhumbuza ukuthi sithathe ibhola ngalinye njengethuba lokwenza okuthile okukhethekile.”
Iqembu lakuleli lizodlala owokugcina wamaqoqo neNigeria namuhla kusukela ngo-8.30 ekuseni eBorneo Cricket Ground.
INigeria, eqalayo ukudlala kulo mqhudelwano kulo nyaka, iqophe umlando inqoba iNew Zealand ngama-run amabili emdlalweni wayo wakamuva.
Amaqembu amathathu azoqhwakela kuleli qoqo azodlulela esigabeni esilandelayo samaqoqo, iSuper Six.
Lo mqhudelwano udlalwa okwesibili kulo nyaka. Owokuqala owawubanjelwe eNingizimu Afrika ngo-2023 iqembu lakuleli laphelela kwiSuper Six, lapho laqeda khona endaweni yesine.
Indebe yagcina ithathwe yi-India, eyathela phansi i-Australia ngamawikhethi ayisikhombisa kowamanqamu.