Amaqembu akuleli, elabesilisa nelabesifazane, asezibekisele indawo emidlalweni eyandulela eyamanqamu eNdebeni yoMhlaba ka-Kho-Kho eqhubekayo eNew Delhi, e-India.
Iqembu labesilisa liguqise i-England ngo-58-38, kwathi elabesifazane ladlula kwiKenya ngo-51-46 kuma-quaterfinal ngoLwesihlanu.
Kweyandulea eyamanqamu, womabili amaqembu aseMzansi azobhekana ne-India ngoMgqibelo.
La maqembu adlulele kweyandulela eyamanqamu-nje, awagayelwa mphako selokhu iNdebe yoMhlaba okungeyokuqala emlandweni kaKho-Kho.. Emdlalweni wokuvula, iqembu labesilisa liguqise iNetherlands ngo-122 -14, kowesibili lahlula iGhana ngo-87-32. Emdlalweni wesithathu liguqise i-Argentina ngo104-20, kowesine laguqiswa yi-Iran ngo-56-32.
Yize iqembu labesilisa lihluliwe emdlalweni wokugcina wamaqoqo kodwa liqede endaweni yesibili ngamaphuzu ayisishiyagalolunye emuva kwe-Iran eqede inamaphuzu angu-12.
Ukaputeni weqembu labesilisa, uNhlalwenhle Khoza, ekhuluma neSolezwe, uthe bajabule kakhulu ngokudlulela emdlalweni owandulela owamanqamu.
"Kuyivela kancane ukuthi iqembu lase-Afrika lidlulele kulesi sigaba somqhudelwano kunoma yimiphi imidlalo ekhona emhlabeni," kusho uKhoza.
Uqhube wathi impumelelo yabo ingenxa yokuzethemba kweqembu labo.
"Abadlali bayazethemba kakhulu. Sikhuthazekile futhi nomqeqeshi wethu uyaqinisekisa ukuthi ngaso sonke isikhathi imiqondo yethu ihlezi ikulungele ukudlala. Sisebenzisana kahle kakhulu nozakwethu. Lokho kwenza umsebenzi wami ubelula kakhulu njengokaputeni. Njengomdlali onesipiliyoni, ngiyazama ukubacobelela ngolwazi ukuze sidlale into ecishe ifane futhi esezingeni lomhlaba," usho kanje.
Uthe yize sekuthanda ukwenyukela futhi iqembu abazobhekana nalo kowandulela owamanqamu kungalona iqembu elilula kodwa uzithwele ngeqoma ezakhe ukuthi zizolwa kuze kube sekugcineni.