AKAKHOLWA ukuthi iqembu lakhe lizogajwa wuvalo uma selibhekene neJamaica emdlalweni wokuqala weMargaret Beckford Sunshine Series, ukaputeni weqembu lakuleli lesizwe le-netball, uKhanyisa Chawane.
AmaProteas neSunshine Girls bazodlala imidlalo emithathu kulolu chungechunge, yonke ezobanjelwa eNational Indoor Sports Centre, eKingston, eJamaica. Leliya zwe elidume ngomculo we-reggae lineqembu elibalwa navele emhlabeni kwi-netball.
Umdlalo wokuqala uzodlalwa ngeSonto ngo-1 ezintathakusa ngokwesikhathi saseNingizimu Afrika, okuzobe kunguMgqibelo ntambama ngokwesaseJamaica.
UChawane uthe bonke sebephumule ngokwanele kulandela uhambo olude oludabule emazweni ahlukene ngaphambi kokuthi abadlali batheleke eJamaica.
“Sonke sijabule futhi sikubheke ngabomvu ukudlala neJamaica. Bonke abadlali bafuna ukungena enkundleni bayodlala okokuqala kulo nyaka, futhi benze kahle. Siziqeqesha kahle futhi kukhona nokuxhumana enkundleni,” usho kanje uChawane.
“Kuthiwa uma ufuna ukuba ngumdlali we-netball osezingeni eliphezulu kumele ukwazi ukujwayela izimo ezahlukene nezitayela ezahlukene ze-netball. Yilokho esizama ukukwenza njengeqembu. Kufanele simelane nezitayela zawo wonke amaqembu esibhekana nawo, siphinde sigxile endleleni thina esifuna ukudlala ngayo. Kuzoba nzima kodwa abaqeqeshi banezinhlelo okufanele sibambelele kuzona.”
AmaProteas agcina ukuhlula iJamaica ngesikhathi bebhekene eNdebeni yoMhlaba ka-2019 eLiverpool, eyishaya ngo 55-52.
Ngesikhathi behlangana kweyoMhlaba yango-2023, eKapa, iJamaica yanqoba ngo 67-49.
“Lolu chungechunge lubalulekile kuwona womabili amaqembu. Kuyacaca ukuthi iJamaica nayo iyakuthokozela ukudlala nathi. Sibabonile beziqeqesha nakho konke okunye abakufakayo ezinkundleni zokuxhumana. Mhlawumbe bazama ukusethusa kodwa asinavalo,” kusho uChawane.
“Sesike sadlala kwamanye amazwe lapho kusuke kunenqwaba khona yabalandeli abanomsindo, siyazi ukuthi kuzwakala kanjani. Sifuna nje ukudlala i-netball eseqophelweni eliphezulu, silwele ukunqoba imidlalo.”
AmaProteas enze ushintsho olulodwa kuphela eqenjini eladlala kwi-Africa Netball Cup ngoNovemba. Umdlali wasemuva osemnkantshubomvu, uKarla Pretorius, uphunyuziwe, indawo yakhe yathathwa umdlali osemncane, u-San-Marie Visser.