USIHLALO weRichards Bay FC, uSifiso “Jomo” Biyela, uthi ukubuya kweMoroka Swallows, abazodlala ndawonye nayo kwiGladAfrica Championship kule sizini ezoqala, akumfaki nakancane amanzi emadolweni.
UBiyela ushaya phansi ngonyawo uthi iBay izokhuphukela esigabeni esikhulu ngesizini ezayo. Uma lokho kungenzekanga kufanele ezakhe zidlale kweyokuhlungela ukukhuphukela kwiPremiership.
I-Bay isanda kwethula abaxhasi bayo bejezi iJoma, inkampani yezingubo yaseSpain.
Ngaphandle nje koxhaso, uBiyela uthe konke sekumi ngomumo kwezakhe kangangoba akasiboni nesincane isithiyo ekutheni zikhuphukele kwiPremiership.
Iningi likuthokozele ukubuya kweSwallows ethenge isitifiketi seMaccabi FC ngo-R8 million ngesonto eledlule.
Akubuzwa ukuthi iZinyoni zinabalandeli abaningi kanti naKwaZulu-Natal bakhona abalandeli beSwayiswayi.
Nokho uBiyela uthe sekuzisalele igama nje kwiSwallows, ayimethusi nhlobo.
“Ngeke sithuswe ngabantu abagawulwe yizembe besuka kwiPremiership, labaphinda labashaya sebedlala kwiNational First Division kwaze kwaba badlala kwi-ABC Motsepe. Empeleni kuzisalele igama nje kwiSwallows, kusele nomlando omdala kwaphela. Ngiyakukhumbala nje ngiseseqenjini lami elidala (esho iThanda Royal Zulu), sabashaya kabili labo bantu. Ngakho abangithusi nhlobo,” kusho uBiyela.
Uthe usebatshelile abafana bakhe nomqeqeshi ukuthi konke kusezandleni zabo ukuthi bakhuphule iqembu.
UBiyela uthwale kanzima kakhulu ngesikhathi kushabalala iThanda Royal Zulu abalandeli bengagculisekile.
Nokho uthe konke lokho usekudlulisile ngenxa yokuthi sekukhona umtwana omusha (iRichardsBay FC) ongagila izimanga ezifanayo nezenziwa yiThanda eminyakeni edlule.
“Angifuni ngisho ukuyikhuluma indaba yeThanda ngendlela eyangihlukumeza ngayo, yaphinda yahlukumeza nabalandeli ababeyithanda ngenhliziyo yabo yonke. Engingakusho nje wukuthi sekukhona iqembu elisha manje, ngiyabonga indlela elesekwa ngayo ngabalandeli, ngifisa baqhubeke njalo. Kungakho sinephupho lokuthi iqembu likhuphukele esigabeni esiphezulu.”
I-Bay ixhaswe ngumasipala iKing Cetshwayo ngo-R1.5 million kwathi umasipala uMhlathuze wangeza ngo-R2.5 million okwenze ukuthi isiyonke yaba ngu-R4 million.