AmaZulu abalwa namaqembu amatasa kuleli windi likaJanuwari lokuhwebelana ngabadlali, asezinhlelweni zokusayinisa umdlali wasohlangothini lwesokudla, uNkosikhona Radebe, osanda kukhululwa yi-TS Galaxy.
URadebe (31) uziqeqesha noSuthu njengoba luzicijela ukubhekana neStellenboch FC emdlalweni weBetway Premiership ngoLwesine ngo-7.30 ebusuku eKing Zwelithini Stadium, eMlaza. Uhlukane ne-TS Galaxy emasontweni adlule emuva kokudlala kuyona amasizini amathathu nohhafu, kusukela akhushulelwa esikimini esikhulu ngesizini ka-2021/2022 esuka eqenjini leDStv Diski Challenge.
Ngaphambi kokubonakala kwakhe eziqeqesha naMaZulu, ukukhululwa kukaRadebe kuqale kuqinisekiswe ngumqeqeshi weGalaxy, u-Adnan Beganovic, ekhuluma nezintatheli ngemuva komdlalo wezakhe neLamontville Golden Arrows, eHammarsdale, lapho edalule khona ukuthi lo mdlali uzicelele yena ukukhululwa.
Okhulumela AmaZulu, uPhilani “Pro” Ndlela, ukuqinisekisile ukuthi uRadebe uhlolwa yithimba labaqeqeshi baleli qembu ngenhloso yokumsayinisa kodwa akukasayinwa lutho.
“Okwamanje uRadebe akakasayini, usaziqeqesha neqembu ngenhloso yokuthatha iso ethimba labaqeqeshi, bese linquma-ke ukuthi uyasayiniswa yini,” kushaya ngamafuphi uNdlela, okuqinisekisile ukuthi ngoLwesibili bekuwusuku lwakhe lokuqala lo mdlali eziqeqesha neqembu.
AmaZulu ahlola uRadebe nje asanda kusayina abadlali abathathu ngenhloso yokuqinisa isikwati okubalwa kubo umdlali oyinjini wasesiswini uBongani “Ben 10” Zungu, isitobha uSandile “Tower” Mthethwa, nomgadli osayine ngesonto eledlule, u-Elmo Kambindu osuka kwiChippa United.
UZungu noMthethwa abasuka kwiMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates ngokwehlukana, basayine ngoDisemba kulandela ukukhululwa kwabo ngamaqembu abo amadala.