UKUSHINTSHASHINTSHA amagiya kwamaqembu asembangweni wesicoco se-Absa Premiership kwenza kube nzima kumakadebona womqeqeshi uGordon Igesund ukuqagula elizodla umhlanganiso.
Lo mqeqeshi ongomunye wabahlonishwayo kuleli njengoba esenqobe kane isicoco seligi namaqembu ehlukene. Uthi imiphumela yemidlalo eyedlule yamaqembu amane asembangweni iyakucacisa ukuthi kusekude lapho kuyiwa khona.
Phezulu eqhulwini kukhona i-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns abaqwakele ngokubambana ngamaphuzu angu-40. Okwehlukile ukuthi Ezimnyama ziqhwakele ngenxa yesibalo samagoli futhi zinemidlalo engu-23 ekubeni amaBrazilians anengu-22.
ICape Town City, ecijwa uBenni McCarthy, ilele isithathu ngamaphuzu angu-39 bese iBidvest Wits ibe kweyesine ngangu-38.
U-Igesund, ozibule ngesicoco seligi kwisizini ka-1996/97 eqeqesha iManning Rangers eyayiteketiswa ngelamaMighty Maulers, uveze ukuthi ezikaPitso “Jingles” Mosimane zizigwaze ngowazo zishaywa ngo-2-1 yiCity.
Uthe lokhu bekuzozenza zivule igebe lamaphuzu amathathu ziphinde zivunwe nawukusala nomdlalo owedwa.
“Empeleni nasemidlalweni edlule iSundowns ikhombise ukungabi namgqigqo oqondile njengoba idlale ngokulingana nePolokwane City, Wits neBloemfontein Celtic.
“Inqobe owodwa ishaya yona iCity ngasekupheleni kwenyanga edlule. Ngibona kuzoba nzima njengoba iya kuMaritzburg United engiyibone idlala ngobuchule ishaya amaZulu FC ngeledlule,” kubeka lo mqeqeshi ophinde wanqoba eseligi ne-Orlando Pirates neSantos.
Uqhube wathi nakweZimnyama yinto efanayo. “Bekumele inqobe kwiCeltic. La maphuzu amathathu abezokwenza ukuthi okungenani ilingane ngamaphuzu neDowns noma seyisilinganisile isibalo semidlalo.
“Ngemuva kokushaya uSuthu neLamontville Golden Arrows bengithi izoya koweCeltic iyazi into eyifunayo."
U-Igesund, ogcine ukuphakamisa isicoco seligi neSundowns ngesizini ka-2006/07, uthe ukunqoba kweCity imidlalo emithathu kwemine yakamuva kunyusa amathemba ngayo.
Inqobe oweDowns, Wits noweMaritzburg. Ishaywe yiSundowns kuphela kowesithathu uma kubhekwa emuva.
“Uma ingaqhubeka nokwenza kahle nasemdlalweni wayo olandelayo nePolokwane ngibona ingazishintsha izibalo. Kuzomele igawule ibheke kwazise sekuphele imidlalo emine iPolokwane ingawazi umpetshisi,” kuqhuba lo mqeqeshi.
Mayelana neWits, esinqobe umdlalo owodwa kwemine, yahlulwa kwemibili yase idlala ngokulingana kowodwa, uthe kuyacaca ukuthi kukhona okungasahambi kahle.
“Kunesikhathi lapho iWits inqobe imidlalo eminingi kulandelana, ishaya amaqembu anjengeChiefs amaZulu, iPirates namanye futhi ingangenelwa yisibalo esikhulu samagoli.
“Uma ngingaphosisi, isingenelwe amagoli angu-5 noma ayisithupha emidlalweni embalwa yakamuva.
“Kukhona okungasahambi kahle. UHunt ungumqeqeshi wezinga eliphezulu, ngethemba ukuthi unalo isu,” esho kanje * -Igesund.
* Imi kanje imidlalo ezayo, ngoLwesibili ngo 7.30pm:
Maritzburg United v Mamelodi Sundowns
(Harry Gwala Stadium)
NgoLwesithathu ngo 7.30pm:
Baroka FC v Golden Arrows
(Peter Mokaba)
NgoLwesihlanu ngo 8 ebusuku:
SuperSport United v Kaizer Chiefs
(Mbombela).