YIZE ziguqile ezakhe kwi-Orlando Pirates kowabakhaya baseSoweto kodwa kumqinisa idolo umqeqeshi weKazier Chiefs, uNasreddine Nabi, ukukhula kweqembu lakhe.
IChiefs yehlulwe yi-Orlando Pirates ngo 1-0 wephenathi kaPatrick Maswanganyi emdlalweni wabakhaya baseSoweto weBetway Premiership eFNB Stadium, eNasrec, ngoMgqibelo.
“Ngiyayithanda indlela abadlali bami abakhombisa ngayo ukudlondlobala, nokushintsha indlela yokucabanga. Ishintshe kakhulu manje indlela yabo yokucabanga kuneyangesizini edlule. IKaizer Chiefs izobuya. Kuningi okuhle esikucoshile kulo mdlalo. Indlela abadlale ngayo abafana ingihlabe umxhwele. Kancane, kancane siyasondela lapho esifuna ukuya khona,” kusho uNabi.
Nakuba uNabi engathandanga ukuphawula ngephenathi esuse umsindo kubalandeli bebhola abehlukene, kodwa ukholwa wukuthi “beyilula”, okusho ukuthi bekungafanele unompempe ayikhombe emlotheni.
“Bengingekho endaweni ekahle yokubona ukuthi bekuyiyo ngempela iphenathi noma cha. Kodwa ithimba lethu elithatha ama-video lishilo ukuthi “beyilula” kakhulu.
Kodwa-ke angithandi ukuba nezaba. Sihluliwe, salahlekelwa ngamaphuzu amathathu, kodwa sisenalo elinye ithuba lomdlalo wabakhaya kule sizini.”
Lo mqeqeshi odabuka eTunisia, unethemba elikhulu lokuthi ukubuya ekulimaleni kuka-Ashley Du Preez noWandile Duba kuzokwenza umehluko, kushubise nombango wesikimu njengoba besanda kusayinisa abanye abagadli ababili okunguTashreeq Morris noMakabi Lilepo waseDemocratic Republic of Congo.
UMorris osanda kusayina kuMakhosi esuka kwiSupersport United, akadlalanga ngoba esayine kuleli qembu laseSoweto esadonsa isigwebo sekhadi elibomvu.
“Ukubuya (ekulimaleni) kuka-Ashley, uDuba noMorris obuyayo esigwebeni sekhadi, kuzolenyusa kakhulu izinga lokuncintisana eqenjini. Umdlali onjengo-Ashley unomlando omuhle emidlalweni yabakhaya baseSoweto selokhu afika kuleli qembu.”
Kulo mdlalo wangoMgqibelo, kubonakale okokuqala uLilepo nomdlali wasesiswni, uThabo Cele, bobabili abangene ngesiwombe sesibili.
Kubhekwe lukhulu kuLilepo obatshazwa ngokungalibheki ipali noCele onamava okudlala emaqenjini ase-Europe okubalwa awasePortugal, Poland naseRussia.
Amakhosi abuyela enkundleni ngokutholana phezulu naMaZulu FC, kusasa ngo-7.30 ebusuku, eFNB Stadium.