KUZOBATSHAZWA ikhono lakho lokupheka ngalesi sitshulu senyama yenkomo namadombolo. Amakha amnandi ezithako yiwona azobuyisa wonke umuntu ekhaya. Fudumala nomndeni wakho ngesitshulu esimnandi, esizoshiya wonke umuntu encinda iminwe.
ISIKHATHI: IMIZUZU ENGAMA-140
IPHAKELWA: ABAYI-6
IZINGA: ELIPHAKATHI NENDAWO
IZITHAKO
Ukupheka amadombolo:
Ufulawa i-cake flour engu-375g
Ushukela onsundu ongu-15ml (isipuni esi-1) Usawoti ongu-2.5ml (½ wethispuni) Iphakeshana le-instant dry yeast eli-1 x 10g
Amanzi afudumele angu-250ml (inkomishi e-1)
Okokupheka isitshulu senyama yenkomo:
Amafutha i-vegetable oil angu-30ml (izipuni ezi-2)
Inyama yenkomo engu-1kg yokupheka isitshulu
U-anyanisi o-1, oqotshiwe Amagaqa kagaligi ama-3, agayiwe
I-Rajah Medium Curry Powder engu-15ml (isipuni esi-1)
I-Robertsons Paprika engu-15ml (isipuni esi-1)
I-Robertsons Barbecue Spice engu-15ml (isipuni esi-1)
I-Worcestershire sauce engu-60ml (izipuni ezi-4)
I-Knorrox beef stock cube e-1
Amanzi abilayo angu-500ml (izinkomishi ezi-2)
I-Knorr Brown Onion Soup powder engu-15ml (isipuni esi-1)
Amanzi abandayo angu-15ml (isipuni esi-1)
I-Robertsons Italian Herbs engu-15ml (isipuni esi-1)
i-parsley eqotshisisiwe engu-30ml (izipuni ezi-2) yokuhlobisa
INDLELA YOKWENZA
01 Qala ngokupheka amadombolo Hlanganisa ufulawa, ushukela, usawoti noyisti esitsheni esikhulu. Faka amanzi afudumele, amancane ngesikhathi, uhlanganise ngesineke uze ube nenhlama enamathela kancane ibe isaphatheka.
02 Khuhla izandla zakho ngamafutha i-vegetable oil, bese wakhe ibhola lenhlama. Mboza isitsha ngendwangu yezitsha ehlanzekile bese ubeke endaweni efudumele ukuze ufulawa ukhukhumale isikhathi esiyihora.
03 Shisisa amafutha ebhodweni elikhulu emlilweni omaphakathi ngokushisa. Thosa inyama yenkomo, uyifake ngezixwexwe nezixwexwe, imizuzu eyi-5 - 7, noma ize ibe nsundu kuwo wonke amacala. Susa bese ubeke eceleni.
04 Ebhodweni elilodwa, thosa u-anyanisi imizuzu engu-3 - 5, noma ize ithambe. Bese ufake ugaligi, iRajah Medium Curry Powder, i-Robertsons Paprika kanye ne-Robertson Barbecue Spice. Thosa imizuzu emi-2, emlilweni ophansi, kuze kuzwakale iphunga.
05 Faka i-Worcestershire sauce bese uzoyise kweminye imizuzu emi-3. Phindisela inyama yenkomo ebhodweni bese ugovuze kahle.
06 Faka i-Knorrox Beef Stock Cube kanye nezinkomishi
ezimbili (500ml) zamanzi abilayo bese ugovuze kahle. Mboza ngesivalo bese uzoyise emlilweni ophansi isikhathi sehora
eli-1½ , noma kuze kuthambe inyama yenkomo.
07 Kusenjalo, ngesineke ‘shaya ushove’ inhlama yedombolo usebenzisa isibhakela. Phinda ugcobe amafutha ezandleni bese wakhe amabhola ayi-8 alinganayo. Wabeke ethrey- ini, uwamboze ngendwangu, bese uwayeke akhukhumale eminye imizuzu engama-30.
08 Uma inyama yenkomo esebhodweni seyithambile, yihlanganise ne-Knorr Brown Onion Soup kanye namanzi abandayo ukuze wakhe ingxube. Govuza ingxube uyifake esitshulwini bese ufake ama-Robertsons Italian Herbs. Zoyisa kuze kushube umhluzi ngendlela oyithandayo.
09 Ngesineke beka amadombolo phezu kwesitshulu, uqinisekise ukuthi akacwili oketshezini. Mboza ibhodwe bese uwayeke aphekeke ngentuthu imizuzu engama-30. Ungasivuli isivalo ngalesi sikhathi.
10 Hlobisa isitshulu nge-parsley bese uphake isashisa ufaka nemifino elihlaza ebilisiwe.