SIKUPHATHELE okuhlukile, okunempilo nokunambitheka kamnandi ngale resiphi ekufundisa ukupheka ukudla kwesimanje. Le resiphi ifanele kakhulu labo abakuqephelayo ukudla abakudlayo nezithako ezisetshenzisiwe.
ISIKHATHI: IMIZUZU ENGAMA-60
IPHAKELWA: ABAYI-4
IZINGA: ELIPHAKATHI NENDAWO
IZITHAKO
U-olive oil ongu-15ml (1 Tbsp)
U-anyasi o-1, oqotshisisiwe
Amaqabunge e-thyme amashe angu-5ml (1 Tbsp)
Amakhowe angu-400g, aqotshisisiwe
Amanzi ashisayo ayi-1.5 litha (izinkomishi eziyi-6)
I-Knorr Vegetable Stock Pot ama-3
I-pearl barley engu-375ml (izinkomishi eziyi-1½)
Iwayini elimhlophe elingu-125ml (½ cup)
Iphakeshana eli-1 le-Knorr Tasty Minestrone kanye ne-Robertsons Mixed Herbs
Uphizi oqonyiswe ngefriji, wakhishwa ukuze kuncibilike iqhwa ongu-25ml (u-½ wenkomishi)
Ushizi we-vegan omhlophe ongu-80g,
okhulisiswe ngregreytha ijusi kahhafu kalamula
I-Robertsons Black Pepper, yokunandisa
INDLELA YOKWENZA
01 Shisisa amafutha epanini phezu komlilo ophansi
02 Faka u-anyanisi, ugaligi kanye namaqabunga e-thyme. Pheka ngesineke kuze kuthambe, uhlala uhlale ugovuze. Qinisekisa ukuthi ayibambeleli noma ayishi ingxube.
03 Faka amakhowe bese uqhubeke nokupheka kuze kuthambe.
04 Kusenjalo, thela amanzi ashisayo kwelinye ibhodwe elisesitofini, faka okuqukethwe ku-Knorr Vegetable Stock Pots, vulela umlilo, bese ugovuze kuze kuncibilike. Gcina ibhodwe le-stock lifudumele ngomlilo omncane.
05 Vulela phezulu umlilo wepani lika-anyanisi, bese ufake i-pearl barley. Tthose emafutheni amancane, ulokhu ugoqoza, imizuzu emi-2. Thela iwayini elim- hlophe bese uzoyise uze ucishe uhwamuke wonke.
06 Qala ukufaka i-stock esifudumele sakho epanini, uhhafu wenkomishi ngesikhathi. Govuza ngesineke ungayeki kuze kuhwamuke i-stock cishe yonke.
Bese ufake omunye uhhafu wenkomishi bese ugov- uze futhi kuze kuhwamuke. Phinda le nqubo ize ihlukane ingxube futhi ibe sakhilimu futhi u-barley uphekeke uvuthwe (kumele kube kusahlafuneka kancane).
07 Govuzela phakathi iphakeshana le-Knorr Tasty Minestrone ne-Robertsons Mixed Herbs bese uzoyise, uphinde ugovuze, imizuzwana, noma ize ishube ngokokuthanda kwakho i-risotto. Uma kunesidingo, ngezela esinye i-stock.
08 Susa emlilweni, bese ugovuzela phakathi uphizi noshizi wama-vegan. Putshuzela phakathi ijusi kalamula, ukuze kunambitheke kamnandi, bese unandise nange-Robertsons Black Pepper.
09 Phaka kushisa ungezele omunye ushizi wama-vegan okhuhlwe ngegreyitha ngaphezulu.