UMSUNGULI weWest Ink obuye abe ngumculi, uMampintsha, ukhwele wadilika kumsakazi weMetro FM, uMasechaba Ndlovu, ngokugxambukela ezindabeni zakhe zothando nomculi we-gqom’ uBabes Wodumo.
“Ukhuluma kakhulu sisi ngathi ngithandana nawe,” kusho uMampintsha eqophisana ngamazwi noMasechaba.
Bebekhuluma ohlelweni lukaMasechaba noMo Flava ngoMsombuluko ntambama. UMampintsha ubezophendula ngezinsolo zokuthi wayeshaya uBabes uMasechaba athi uzazi ngomngani wakhe.
“Kazi ubudlelwano benu buhamba kahle yini ngoba nikhuluma kangaka,” kusho uMampintsha.
Uyichithile imibiko yokuthi uke wahlukumeza uBabes, wathi bake baba nezinkinga phambilini njengawo wonke umuntu kodwa akaze amxhife ngenqindi nokuthi wamphula umlenze. Uthe uyakweshwama okokuthi uhlukene noBabes, waveza ukuthi bebebonke ngoLwesibili olwedlule akayazi eyokuthi bahlukene.
Ebuzwa ngokuthi ugcine nini ukumbona uBabes uthe: "ngicela abantu basithandazise."
Khonamanjalo, ezinkundleni zokuxhumana abantu bamsole ngokungena ezintangeni uMampintsha kulolu daba, abanye bemsola ngokuthi ubeyolwa noMasechaba kulolu hlelo.
Ingxoxo ephelele kaMampintsha kulolu hlelo ungayithola lapha:
Nakhu okushiwo abantu kutwitter ngengxoxo kaMampintsha kulolu hlelo:
#thedriveonmetro Mampintsha is delusional. He thinks he owns @BABESWODUMO.
He himself just admitted that Babes agreed to do that interview without his knowledge. That means he no longer gets to clear or have a say in what she does.
— Phil Mphela (@PhilMphela) May 21, 2018
Psychologists, spin doctors and even politicians will tell you — “when you want to confuse the interviewer during a scandal, make sure that you give long answers..”
It’s an old psychological trick to confuse!
That’s why I never allow that on Nyan’Nyan! #TheDriveOnMetro
— Luyanda Potwana (@LuyandaPotwana) May 21, 2018
Mampintsha genuinely believes nothing is wrong. He's not pretending.
— 🌻Mfaz'Wephepha👑 (@I_Am_Nonhla) May 21, 2018
This is a waste of time..he’s avoiding all questions he’s asked #TheDriveOnMetro pic.twitter.com/lFXgKf9lYE
— Bkkie 💕 (@HoneyB051) May 21, 2018
-Ephephandabeni lakho kusasa abahleli bemcimbi uMampintsha aqashwe kuyo bayaphendulo ngezicelo zokuthi ahoxiswe.