KULINDELEKE ukuthi agiye aqephuze uSihlalo we-IFP KwaZulu-Natal, oyiMeya kaMasipala wesifunda iKing Cetshwayo, uMnuz Thamsanqa Ntuli odwendweni lwakhe namuhla.
UNtuli ugcagcelwa yisinqandamathe sakhe uMaSibisi. Umshado omhlophe uqale izolo, eHoliday Inn, oLundi. Umshado ubonakale usezingeni eliphezulu, kubonakala ukuthi uhlelwe kahle.
Kulindeleke ukuthi udwendwe oluhambisana nomabo lube namuhla eVumanhlamvu, eNkandla kubo kwalo mholi. UNtuli ebuzwa ngalolu daba uvele wafa yinsini, wavuma ukuthi impela ziyawushaya, owesintu uzoba namuhla kubo. Uthe namuhla uzobe evunule econsa ephethe isihlangu sakhe egiya, kuzobe kubuswa idubukele.
Izithombe zomshado ziveza ukuthi umshado omhlophe ubuzimaziswe wumsunguli we-IFP iNkosi Mangosuthu Buthelezi ehamba nomndeni wakhe. Izihambeli zibonakale zithe shaye zithamele umshado zizohalalisela abebeshada. Kulindeleke ukuthi nanamuhla kufike amalungu omphakathi nabanye abangamalungu e-IFP bezohalalisela umholi wabo esinelwa.
UNtuli uke waba yimeya kaMasipala waseNkandla ngaphambi kokwenyukela kuMasipala wesifunda iKing Cetshwayo awuphethe kumanje.
Ukhethelwe esikhundleni sikaSihlalo we-IFP esifundazweni engqungqutheleni yokukhetha ubuholi ngo-2019 oLundi.