Kusolakala ukuthi ungene esibhedlela ngesikhathi sokuvakashelwa kweziguli owesifazane obanjwe oqotsheni ezenza udokotela ewodini.
Umsolwa uboshwe esibhedlela, iThembisa Provincial Tertiary Hospital, eGauteng ngoLwesibili ebusuku.
Uboshwe wase egqunywa esiteshini samaphoyisa, iRabasotho, eThembisa.
Bekulindeleke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi yaseThembisa ngoLwesine ebhekene necala lokuzenza umsebenzi wezempilo.
Abezempilo eGauteng bathi yisigameko sesibili kulo nyaka sokuboshwa kozenza udokotela.
NgoFebhuwari kwaboshwa owesifazane esibhedlela, iChris Hani Baragwanath Memorial Hospital, owayefuna intshontsho likaR700 esigulini ukuze asisize.
Kuthiwa lo muntu wabonwa yisisebenzi sasesibhedlela esabikela abaphathi nonogada, wase ekhalelwa amasongo kaSigonyela.
Nyakenye ngo-Okthoba kwaboshwa odume kuTikTok ngezeluleko zezempilo, uMnuz Matthew Lani, esibhedlela iHelen Joseph Hospital eGauteng.
Kubikwa ukuthi uLani waboshwa esathwabaza kulesi sibhedlela, eziqopha edlubhe umfaniswano wodokotela nabasebenza ngakho.
UMnyango wezeMpilo eGauteng uthi bazobhekana kanzima nengalo yomthetho oskhwiliphambana nobhoko abazenza odokotela nabasebenzi bezempilo bengebona.
Lo mnyango uthi uzoqinisa ezokuphepha ezibhedlela nendlela elawula ukungena nokuphuma kwabantu.