IZINKINGA ohlelweni lokuhlalisa izitshudeni ezikhungweni zemfundo ephakeme kusuka komastende abafuna ucansi, abaxosha abangakhokhile nezinye kwenze uMnyango weMfundo ePhakeme wanquma ukubuyisela lolu hlelo ngaphansi kwezikhungo.
Lolu hlelo okuhlale kunezikhalazo kuzona zonke izinhlangothi njengoba nomastende bekhala ngokungakhokhelwa, luzolambisa omastende abaningi abazophucwa leli qatha.
UNgqongqoshe wezeMfundo ePhakeme, uDkt Nobuhle Nkabane, uthe lolu hlelo luzobuyela ezandleni zezikhungo ngenxa yezinkinga nezikhalazo azitholayo.
“Ngithola izikhalazo ngapha nangapha, ezithinta ukuphepha, inkohlakalo kanjalo nezinye izindawo ezizimele ezingekho ezingeni lokuhlalisa izitshudeni. Ngiyalele umnyango ukuthi ubheke ukuthi indaba yezindawo zokuhlala ibuyele ekwenganyelweni yizikhungo,” usho kanje izolo njengoba ebevakashele eNyuvesi yaKwaZulu-Natal.
Isikhwama esixhasa ngemali yokufunda i-NSFAS saqala uhlelo lapho sitholela khona izindawo zokuhlala izitshudeni. Phambilini izikhungo yizona ebezifunela izitshudeni indawo yokuhlala, bese izitshudeni zihlinzekwa ngamabhasi uma zikude.
Muva nje kube nezikhalazo eziphenywayo zabanye omastende okuthiwa bafuna ucansi kwizitshudeni.
“Siyakugxeka kakhulu ukuthi izitshudeni zifunwe ucansi ukuze zithole indawo yokuhlala. Kunezikhalazo zokungaphephi kulezi zindawo yingakho sithi uhlelo olukhona manje alusebenzi,” kusho uDkt Nkabane.
Obengumlawuli we-NSFAS, uMnuz Freeman Nomvalo, obeyingxenye yethimba likaDkt Nkabane, uhlabe ikhwelo ukuthi kubikwe omastende abafuna ucansi ukuze baboshwe.
Abanye bafuna imali enguchatha ekubeni bayalelwa ukuthi bangayifuni imali ngoba bayakhokhelwa yi-NSFAS.
“Siyazigxeka izehlakalo zokuhlunyezwa ngokobulili, yingakho sifuna babikwe abenza lokhu, ukuze baphenywe bese beboshwa. Sifuna izitshudeni zigxile ezifundweni zazo zingaxakwa ezinye izinto,” usho kanje.
Umnyango uzosebenzisana namalungu omkhandlu wezitshudeni ukuhlola eyezindawo zokuhlala ukuthi zisezingeni.
UDkt Nkabane uxoxe nezinye izitshudeni ebezibeka izinkinga zazo.
Uyalele ukuthi zisizwe ngokushesha kuphinde kululwe isikhathi sokubhalisa.
Uzwe nokuthi lesi sikhungo sikweletwa imali enkulu yizitshudeni, wancoma ukuthi lesi sikhungo asiyifaki inzalo kule mali.
“Kuyakhathaza ukuthi ezinye izikhungo zifaka inzalo emalini ezikweletwa yona yizitshudeni ekubeni isimo somnotho sintenga. UMcwaningi mabhuku jikelele uke wakhala ngokuthi ulwazi izikhungo ezinalo alufani nolwe-NSFAS,” kusho uDkt Nkabane.