SEKUSABALALE amahebezi okuthi kuzoqiniswa ezokuphepha eThembezinhle naseBuhleni njengoba kuyophuma isinqumo ngecala lombango wobuholi bamaNazaretha elizoba seBloemfontein kusasa.
Isolezwe lithole ngomthombo walo ongashayi eceleni ukuthi abaseThembezinhle sebekhulume namaphoyisa ukuthi aqaphe lezi zinhlangothi kusasa ngemuva kokusabalala kwenkulumo eqoshiwe lapho abaseBuhleni becaza izinsizwa zebandla ezizobe zigadile kusasa.
Kule nkulumo kuzwakala owesilisa ethi iNkosi uZwane ithunyelwe wuNyazilwezulu ukuthi idlulise umbiko wokuthi kwabiwe izinsizwa ezizobe ziqaphe umuzi waseBuhleni ezinye ziyogada abaya enkantolo eBloemfontein. Le nkulumo kuthiwa iqoshwe ngesikhathi kukhuluma obedlulisa lo myalezo ebandleni njengoba kunezinsolo zokuthi kuzosuka umsindo ngemuva kwesinqumo senkantolo. Kule nkulumo kuphinde kuvele ukuthi namakhosi esizwe azobe elinde eBuhleni kusasa.
Umbango ophakathi kwabaseBuhleni nabaseThembezinhle, uqale ngo-2011 ngemuva kokukhothama komholi webandla inkosi Vimbeni Shembe, uThingolwenkosazane.
Ngokuthola kweSolezwe ngeSonto kuthiwa abaseBuhleni banezinhlelo zokushiya ikomkhulu lebandla okuyiseBuhleni bayoqala elisha bashintshe negama lebandla. Lokho kuthiwa kungenxa yokuthi kunovalo lokuthi izinto ngeke zihambe kahle enkantolo futhi bazotheleka ngehlazo uma kwenzeka belahlwa yicala.
Kuthiwa lokho kususe isiphithiphithi eBuhleni njengoba kunemizamo yokuthi kumbiwe nesidumbu somholi wesithathu wamaNazaretha, inkosi Amos Kula Shembe, Inyangayezulu esiseBuhleni, ukuze siyotshalwa kabusha eNtabazwe okunenkulumo yokuthi kungase kube yikomkhulu labaseBuhleni.
Udaba oluphelele ephephandabeni lakho kusasa.