MBALI KHANYILE
IPHUME ihlela imigulukudu okuthiwa ibanjwe izama ukugqekeza emzini wesiqumama saseThekwini izolo ntambama.
Kuthiwa laba balisa abathathu babhadanywe sebengene ngaphakathi kulesi sithabathaba somuzi kaShauwn Mkhize.
Kubikwa ukuthi esinye sezigebengu bese sisikhokhile isibhamu ngesikhathi ezithela phezu kwaso uShauwn.
Umthombo weSolezwe ngeSonto, uthe umsolwa obehlomile wehlulekile ukugadla kuShauwn ongazange athole ngisho umyocu ngesikhathi kudutshulwana. Abanye abasolwa ababili bakwazile ukubaleka ngemoto abebehamba ngayo,“ kusho umthombo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshuinda, usiqinisekisile isigameko sokuhlaselwa komuzi kaShauwn.
“Amaphoyisa athole isibhamu lapho obekucashe khona esinye sezigebengu esikwazile ukubaleka. Kuphenywa icala lokugqekeza,” kubeka uCol Netshuinda.
Amaphoyisa atheleke ngobuningi bawo emzini kaShauwn ngemuva kokuthi ethole umbiko, ngokusho komthombo.
UShauwn obengesinye sezimenywa ebezizoba ingxenye ye- All White Party Day Party ebiseMax’s Lifestyle onamuhla uqhubekile nokuhambela lo mcimbi abonakale kuwo ezijuxuza.