SISHAYA phansi ngonyawo isikhulu seNational Students’ Financial Aid Scheme (NSFAS), sithi ngeke lubuyiswe uxhaso kwizitshudeni ezingu-45 927 eziphucwe lona yilesi sikhwama ngenxa yenkohlakalo yokukokotela imininingwano uma zifaka izicelo.
UMnuz Ernest Khosa usihlalo webhodi leNSFAS, utshele abezindaba esithangamini ebesisePitoli, izolo, ukuthi izitshudeni baziphuce uxhaso emva kokuzibamba oqotsheni ukuthi zihubhuze amanga ngesikhathi zifaka izicelo zoxhaso.
Uthe lezi zitshudeni azikulungele ukuthola uxhaso ngakho ngeke baqhubeke bazixhase ngoba bazobe bephambana nomthetho.
“Sigxekwe kakhulu kwathiwa asinabo ubuntu ngokuthi siphuce labo ebese sibaxhasile. Ngemuva kophenyo olunzulu esilwenzile olufaka iSARS noMcwaningi maBhuku Jikelele, senze ucwaningo ngesibaxhasile sathola ukuthi abanye babo akumele ngabe bayahlomula. Sithole ukuthi bakokotela imininingwane abayilethayo uma kufakwa izicelo. Kudingeke ukuthi sisheshe sibaphuce uxhaso ngoba abafanele ngabe siyabaxhasa.”
Uthe abanye bebefike bafake isicelo besebenzisa ulwazi lwabazali babo, uma bechithwa basebenzise ulwazi lwabanye abantu.
“Uhlelo lwethu lukwazile ukubheka ukuthi lo muntu uke wasebenzisa eminye imininingwane eqondile, samchitha ngayo ngakho le eyesibili ingumkokotelo. Yingakho ke sibaphucile uxhaso.“
Izinhlangano zezitshudeni zigxeke lesi sikhwama ngokuphuca uxhaso labo abese bexhasiwe. Ezikhungweni eziningi kube nemibhikisho ngeledlule, kukhalwa ngendaba yokuphucwa uxhaso kwezitshudeni nendaba yohlelo lokukhokhela ngqo imihlomulo yezitshudeni ngohlelo olusha.
UKhosa uthe enye inkinga ababhekene nayo ngukuthi amanyuvesi awalulethi ngesikhathi ulwazi lwezitshudeni.
“Asikwazi ukuxhasa umuntu esingakayitholi imininingwane yakhe yokubhalisa esuka enyuvesi. Sibanjwa yizikhungo ngalabo esingakabaxhasi ngoba yizona ezingakalulethi lolu lwazi.”
UKhosa uthe sebekhokhele inqwaba yezitshudeni ngaphansi kohlelo olusha wanxusa izinhlaka ezisebenzisana nabo okubalwa nenhlangano yabaphathi bamanyuvesi ukuthi ingabagxeki ikude futhi bazimisele ukuhlangana nayo kuxazululwe izikhalazo zayo.
Khonamanjalo: UNgqongqoshe weMfundo ePhakeme, uDkt Blade Nzimande, umemezele izinhlelo zakhe zokufaka ngaphansi komlawuli inyuvesi yakuleli i-Unisa.
UNzimande ukusho lokhu emva kombiko womphenyi ozimele, uSolwazi Themba Mosia, owathola ukuthi kunezinto ezingahambi kahle kule nyuvesi ezithinta ukuphatha nokusetshenziswa kwenkece.
Uma le nyuvesi ifakwa ngaphansi komlawuli kuzohlakazwa umkhandlu oyilawulayo bese umlawuli eba namandla okwengamela yonke into.
UNzimande unike umkhandlu wenyuvesi izinsuku eziyisikhombisa ukuthi umbhalele wenze izethulo kuyena njengoba le nyuvesi ehlele ukuyifaka ngaphansi komlawuli.