UNYAKA ka2022 ube nzima kakhulu kuMvikeli woMphakathi, u-Advocate Busisiwe Mkhwebane. Unethwe yizinduku ezinzima ezibeka ngisho ikusasa lakhe engcupheni. Ihhovisi lomvikeli womphakathi lineqhaza elibalulekile ezweni ekwesekeni umbuso wentando yeningi. Ligqame kakhulu ngesikhathi sika-Advocate Thuli Madonsela, owaduma ngokuphenya izinsolo ezinzima nokuthe uma siphela isikhathi sakhe kwangena u-Advocate Mkhwebane.
Uqokwe ngo-Okthoba 2016, ngemuva kokuthi kube nenhlolokhono eyayisingethwe yiPhalamende kubuka izwe bukhoma kuthelevishini. Abaningi babehlabeke umxhwele ngendlela u-Advocate Mkhwebane ayephendula ngayo imibuzo, wavela njengomuntu owulungele umsebenzi. Ungowokuzalwa eBethal, eMpumalanga. Uke wasebenza njengomshushisi, wasebenzela iSouth African Human Rights Commission (SAHRC) engumcwaningi omkhulu. U-Advocate Mkhwebane ungomunye wabesifazane abamnyama abasemkhakheni wezomthetho kanti usenamava futhi uyayikazela yiziqu. Uke wasebenza ehhovisi lomvikeli womphakathi njengomphenyi ngaphambi kokusebenzela uMnyango wezaseKhaya. Wasebenzela uMnyango wezobuNhloli ngaphambi kokuqokelwa esikhundleni akuso.
Izinkinga zakhe ziqale ngokuthi uma ekhipha umbiko wophenyo lwakhe, uyiswe enkantolo, ufike uchithwe. Lokhu bekwezeka izikhawu kwaze kwadala ukuthi izinhlaka eziningi zishaye amakhala ngaye. Ngonyaka odlule ugqemeke ingozi engeqiwa ntwala ngesikhathi evela enkantolo ebhekene namacala okuqamba amanga, efungile.
NgoJuni nonyaka ihhovisi likamengameli limemezele ukuthi u-Advocate Mkhwebane, uyamiswa esikhundleni sakhe. Ukumiswa kwakhe akakwemukelanga kahle ngoba uze wakuphosela inselelo enkantolo efuna ukubuyela emsebenzini. Ukumiswa kwakhe kuqhamuke ngesikhathi kukhulunywa ngodaba lwepulazi likaMengameli uMnuz Cyril Ramaphosa, iPhala Phala. Ukumiswa kuka-Advocate Mkhwebane kwayamaniswa nombiko wepulazi ngoba nasenkantolo wakhala ngokuthi usola sengathi uRamaphosa uyaziphendulela ngoba emphenya ngolwasePhala Phala. U-Advocate uzame kakhulu ukuvimba ukuqala kwesithangami sePhalamende lapho kuphenywa khona ukuthi kungabe ukulungele yini ukuphatha ihhovisi.
Ngaphambi kwesithangami sePhalamende kwaqokwa ithimba elizimele elalibophele iJaji Bess Nkabinde, Advocate Dumisa Ntsebenza noMnuz Johan Van De Waal. Ithimba laphuma nombiko othi uMkhwebane kufanele kube khona akuphendulayo phambi kwePhalamende. Kwabe sekuqokwa ikomiti eliholwa nguSihlalo, uMnuz Qubudile Dyanti oyiLungu lePhalamende ngokujutshwa yi-ANC. U-Advocate Mkhwebane waqoka u-Advocate Dali Mpofu, ukuba abe ngummeli wakhe ngesikhathi kuqhubeka isithangami ebesishubile. Maphakathi nesithangami u-Advocate Mkhwebane wafaka isicelo sokuthi usihlalo uDyanti ashenxe esikhundleni ngoba emsola ngokuchema. Isicelo sachithwa kwase kuphoqa ukuthi kuqhutshekwe nomsebenzi.
Sithe sisaqhubeka isithangami kwadalulwa uhlu lwezindleko zezomthetho oluveza izigidi zemali ebisebenza kuqashwa kwabameli uma umvikeli womphakathi efakwa ezinkantolo. Lokhu kumhlinzele ezibini u-Advocate Mkhwebane ngoba uvele njengomuntu ochitha imali eningi kubameli. Akwaziwa ukuthi uma ikomiti liqeda lizokhipha umbiko othini. U-Advocate Mkhwebane njengoba emisiwe nje, isikhathi sakhe siyaphela ngonyaka ozayo ngo-Okthoba ngoba unenkontileka yeminyaka eyisikhombisa eqale ngo-2016.
Njengamanje kubambe u-Advocate Kholeka Gcaleka, oyiPhini loMvikeli woMphakathi. U-Advocate Gcaleka uqokelwe kwesePhini loMvikeli woMphakathi ngo-Januwari 2020, naye wedlula kuyo inhlolokhono yePhalamende waphuma phambili. Naye u-Advocate Gcaleka useke wanyakaziswa amaqembu aphikisayo emsola ngokubamba, eyeka ngombiko wePhala Phala.