ZIMISIWE emsebenzini izikhulu zoMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal ezithinteka enkohlakalweni yethenda yamaqakelo ayezonikezwa izingane zamantombazane kwezinye zezikole zakulesi sifundazwe.
Lokhu kushiwo uMnuz Kwazi Mshengu onguNgqongqoshe wezeMfundo kulesi sifundazwe ngoLwesine esithangamini nabezindaba eThekwini.
Ngokuka Mshengu, ngo-2016 uMnyango wezeMfundo waphakamisa ukuthi kube namaqakelo azothunyelwa ezikoleni ezithile kulesi sifundazwe ngenhloso yokugwema ukulova kwabafundi bakaGrade 4 noGrade 12 ezikoleni uma kuyileso sikhathi senyanga.
UMshengu uthe inguR129 million imali yethenda eyakhishwa yilo mnyango ngo-2016/17 ukubhekela ukuthengwa kwamaqakelo.
Uthe izinsolo zophenyo ngokungahambisi ngokuyikho kule thenda, zenziwa emva kokuthi izinyunyana nezinhlangano zomphakathi zikhale ngomkhonyovu owenzeka kule thenda.
“Uphenyo luveze ukuthi amaqakelo agcina esethunyelwa kuzo zonke izikole KwaZulu-Natal nakulezo ayengadingeki kuzona,” kusho uMshengu.
Ababekhipha le thenda abazange babe neqiniso njengoba badukisa umnyango ngokumele kwenzeke.
Ukusayinwa kwethenda kwenziwa ngoJulayi 27, kodwa amaqakelo aqala ukusabalaliswa ezikoleni ngoMeyi.
Kwaba nenqwaba yamaqakelo abiza uR4million esasingekho isidingo sawo.
UMshengu uthe uthathe lezi zincomo ngokulandela okutholwe wuphenyo
Ukuqondiswa kobugwegwe kuzo zonke izikhulu ezithinteka ekukhishweni kwale thanda
Kuzothathelwa abathintekayo izinyathelo zomthetho ukubuyisa imali okusoleka ukuthi bayikhwabanisa
Izikhulu ezithintekayo zizomiswa emsebenzini kuze kuphothulwe uphenyo - uthe usezibhalelile izincwadi ngokumiswa kwazo.
“Inkohlakalo nokukhwabanisa ngeke kubekezelelwe eMnyangweni wezeMfundo. Sizimisele ngokuthatha izinyathelo ngokungesabi nangaphandle kokwenzelela,” kugcizelela uMshengu.
Uxwayise ngokuthi akufanele kusetshenziswe igama likangqongqoshe noma le-ANC uma kwenziwa inkohlakalo.