ILAHLISA ithemba indlela izikhulu eziphezulu kuMasipala waseThekwini ezenza ngayo umsebenzi wazo.
Lokhu kutholwe wumbiko woMcwaningi-maBhuku, uNksz Tsakani Maluleke, owethulelwe umhlangano womkhandlu, izolo.
Umbiko ububheka indlela lo masipala ophathe ngayo izimali zomphakathi onyakeni wezimali owedlule.
Kulo mbiko onamakhasi angu-12, umcwaningi mabhuku uzwakalise ukukhathazeka ngendlela lezi zikhulu, okubalwa kuzo imenenja kamasipala nezinhloko zeminyango eyehlukene, eziqhuba ngayo imisebenzi yazo ekuqinisekiseni ukuthi umasipala uthola umbiko ongenachashaza.
Embikweni, uNksz Maluleke ukhwele wadilika kulezi zikhulu ngokwehluleka kwazo ukuqapha ukusetshenziswa kwezimali eminyangweni eziyiphethe, nokungaqondiswa ubugwegwe kwabaphula imigomo phezu kokuba bukhona ubufakazi.
Umbiko uthole ukuthi imigomo elawula ukukhishwa kwamathenda kayizange ilandelwe. Kukhona amathenda akhiswa ngaphandle kokuthi akhangiswe izinsuku ezingu-30, kungekho nobufakazi bokuthi amanye awo anikezwa izinkampani ezifanele.
UNksz Maluleke uphakamise ukuthi zifingqe imikhono izikhulu, zenze isiqiniseko sokuthi iyalandelwa yonke imithetho elawula ukukhishwa kwamathenda.
“Imenenja kamasipala kufanele iqhamuke nezindlela zokuqondisa ubugwegwe, ukuthi izikhulu ezephula umthetho ziyabhekana nomthetho.”
USotswebhu oMkhulu kulo mkhandlu, uMnuz Sibongiseni Mkhize, uwushayele ihlombe umbiko.
UMkhize uthe nakuba umbiko ukhombisa ukuthi kusekhona izinselelo umasipala obhekene nazo, kepha ukhona umehluko obonakalayo.
“Sibukeka sihamba kahle singumasipala. Inhloso yethu enkulu wukuthola umbiko ongenachashaza. Ngingakusho kugcwale umlomo ukuthi khona maduze nje sizowuthola umbiko ongenachashaza. Lokhu ngikusho noma ngazi ukuthi ngeke kube lula.”
Ohola inguyazana ye-IFP, uMnuz Mdu Nkosi, uthe lo masipala wungakwazi ukuthola umbiko ongenachashaza, inqobo nje uma izikhulu zizokwenza umsebenzi wazo ngendlela.
“Phambilini sike sawuthola umbiko ongenachashaza. Lokho kungenxa yokuthi izikhulu ebezikhona ngaleso sikhathi beziwenza ngendlela umsebenzi wazo, zikwazi ukuhlela.
“Izikhulu zikamasipala kufanele zilalele uma uphiko lwabacwaningi lwangaphakathi kumasipala, lukhuluma. Lokho kunganqanda izinkinga eziningi.”