ZIPHENDUKE imihambima izangoma ebezitheleke eThekwini zithi zizokhulekela izwe, zagcina sezikhala ngokulaxazwa wuMasipala weTheku njengoba nobuholi bebungacacisi.
Lezi zangoma ezingaphezu kuka-200 zigcine zibanga unqenqema olusosebenzi lolwandle eThekwini lapho zilale khona izinsuku ezimbili.
Uma bechaza omangothobana, bebazi ukuthi bazohlinzekwa wuMasipala weTheku ngamatende abazolala kuwo, ukudla nokunye izinsuku ezine. Kodwa bathi balale bengadlile izinsuku ezimbili, engekho nochazayo ukuthi konakelephi.
Lezi zangoma ezingaphansi kwenhlangano, iTraditional Health Practitioners Business Council, zafika ngoLwesibili emini. Nokho umengameli wale nhlangano, uMnuz Thulani Msomi, uphike konke, wathi akukho xhaso ebebelulindele kuMasipala weTheku ngaphandle kwezindlu zangasese.
Uphinde wazihlangula ekutheni bebelindele ukuhlinzekwa ngokudla, wathi bona uma beze kulo mkhuleko basuke besebhandeni.
Esinye sezangoma ebesilapha esalile negama laso sithe: “Bekumele sihlinzekwe ngezimbuzi ezintathu ebesizokhuleka ngazo, izinkomo ezimbili ebesizozidla.”
“Umkhuleko” wazo kuthiwa ubuzoze usongwe namuhla kodwa kwaphoqa ukuthi unqanyulwe izolo kulandela ukuphambana kohlelo.
Ngokuthola kweSolezwe, lo “mkhuleko” uphinde uthinte nomsebenzi wazo izangoma wokwelapha kanti ufaka phakathi ukuba solwandle ngezikhathi ezithile, ukugezwa kwazo ngezimbuzi kanjalo nokwenziwa kweladi lasolwandle.
Omunye ovumile ukukhuluma neSolezwe uthe bese kungokwesibili lo “mkhuleko“ ubanjwa njengoba usungulwe ekupheleni kukaJanuwari nyakenye.
Uveze ukuthi izinkinga ziqale ukubonakala ngalo uLwesibili zifika ngamabhasi awo uMasipala weTheku.
“Kwakulindeleke ukuthi sihlinzekwe ngokudla kwasemini nokwasebusuku. Kwangafika, satshelwa ukuthi kunobuhixihixi obusalungiswa, ukudla akukakafiki netende liyeza, asikhululeke,” usho kanje.
Uqhube wathi kwashaya u-9:45 ebusuku kungaqhamuki lutho maqede kwaba nenguyazana ethi ngoba izinto azihlangani, akuhlanganiswe o-R10 no-R20 ukuze kutholakale into ezodliwa.
“Saze sadla ngo-10:20 ebusuku amasemishi ayizingcezu ezimbili zesinkwa esinopholoni,” kusho lo mthombo.
Uthe kwagcina kuvunyelwana ngokuthi izimpahla zabo zifakwe emathoyilethi ukuze ziphephe.
“Izangoma esezikhulile, nazo zalaliswa khona, thina abanye sandlala ngaphandle. Sibuye emkhulelweni ka-12 ebusuku sazisonga khona lapho (esigangeni) salala,” kusho umthombo.
Uthe nasekuseni akubanga khona kudla abakutholile.
Uveze ukuthi umengameli wenhlangano ugcine ebatshela ukuthi usahamba, uyolungisa yonke le nhlekelele kuMasipala weTheku.
“Uthe uyedwa umuntu obeyinkinga, ongasayinanga ukuze sithole uxhaso. Uhambe amahora amaningi wabuya nempendulo ethi impela akuhlangani,” kusho umthombo.
Uthe baze behlelwa nawumshophi wokuthi ezinye zezimpahla zabo ziqoqwe amaphoyisa kaMasipala weTheku, waphoqa ukuthi kuyoncengwa ukuze azibuyise.
Uveze ukuthi kuze kwaphazamiseka neminye yemikhuleko.
“Imimoya ibisiyonakele, abantu bezilambele ngoba ukuze udle bese kufanele ushaye iphakethe lakho, uphinde uhambe ibanga elide uye eSpar ukuyothenga isinkwa,” kusho umthombo.
Ubuye wabalula nokuthi ebebenemali bahambe ngoLwesithathu bazibuyelela emakhaya.
Uthe izolo ekuseni ubuholi benhlangano bumemezele ukuthi sebecele umasipala ukuthi ubuyise amabhasi ayebalethile ukuze kugodukwe ngoba izinto azisahambanga ngokohlelo.
“Unxuse izangoma ukuthi ziphinde zivume ukuthi kubuywe ngenyanga ezayo uma kwenzeka zilunga izinto. Abantu bavele bazithulela ngoba bese bediniwe,” kusho umthombo.
Abebelapha bakuphikile ukuthi bekubanjwe ibhande, babuza ukuthi pho ezani izitsha zokudla okwakuthiwa abaziphathe. Isolezwe liwabonile amabhodwe amakhulu okukholakala ukuthi bekuzophekwa ngawo inyama yenkomo.
Intatheli imbuza uMsomi ukuthi kusuke kukhulekelwani kahle hle kulo mkhuleko, uthe: “Nawe sisuke sikukhulekela”.
Osophikweni lwezokuxhumana kuMasipala weTheku, uLuthando Ngubane, uthe bayitholile imibuzo ethunyelwe yiSolezwe. Uthe ithimba labo linomgomo wokuthi kufanele linikwe amahora angu-24 ukuthi liphendule imibuzo ukuze liqoqe kahle ulwazi lokuphendula.