KUSOLWA udlame lwamatekisi oluqhubeka eGoli ngokubulawa kwabashayeli abebelalelwe unyendle eMnambithi, bebuya emngcwabeni womphathi wabo ongusomatekisi eMatimatolo ngoMgqibelo.
Lokhu kuvezwe okhulumela uMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal, uMnuz Kwanele Ncalane ngemuva kokuya endaweni yesigameko, benoNgqongqoshe walo Mnyango, uMnuz Mxolisi Kaunda.
Uthe kunodlame oluphakathi kosomatekisi baseTembisa naseKempton Park oluqhubekayo kodwa olungahlangene neKZN.
Kulesi sigameko kudutshulwe kwashona abantu abangu-11, kwalimala abane kwathi ababili baphuma bengenamyocu.
Abane baphuthunyiswe esibhedlela esiseduze.
Zibalelwa ku-250 izinhlamvu abashawe ngazo zezibhamu zohlobo lwe-AK 47 nama-R5 kanti imoto kuthiwa ibimbobo kuhle kwembawula.
ITEKISI ebihamba abashayeli bamatekisi abawu-11 abadutshulwe babulawa ngoyaba lwezinhlamvu emgwaqeni uR74 ngaseColenso, KwaZulu-Natal, bephuma emngcwabeni izolo ebusuku. pic.twitter.com/zIUFYtEiIr
— Isolezwe Newspaper (@IsolezweNews) July 22, 2018
“Abashayeli bamatekisi bebeyongcwaba umphathi wabo eMatimatolo nokuthe uma sebebuyela emuva bahlaselwa abebebalalele unyendle emahlathini aseColenso. Nokho kuthiwa ukuhlaselwa akuhlangene neKZN noma nodlame obelukhungethe imboni yamatekisi aseMnambithi. UNgqongqoshe uKaunda usexhumene noHulumeni waseGauteng ngalesi simo. Ukhulume noNgqongqoshe wezokuThutha u-Ismail Vadi nowezokuPhepha uNkk Sizakele Malobane Nkosi. Uphinde wathinta noNgqongqoshe wamaPhoyisa kuzwelonke uMnuz Bheki Cele ukuze baqinise uphenyo ngalesi sigameko,” kusho uNcalane.
Uphinde waveza ukuthi akukuhle ngoba kwenza abantu bahlalele ovalweni.
Uthe bakhathazekile ngalesi sigameko futhi basigxeka ngoba abakwazi ukuvuma ukuba iKZN iphendulwe isizinda sokucoboshisa abantu.
UPHIKO lwamaphoyisa olucubungula ngokwenzeke endaweni yesiga lulapho kubulawe khona osomatekisi abangu-11, eColenso ngaseMnambithi, ngoMgqibelo. KWESINCANE: yisigqoko somshayeli esisale enkundleniIzithombe: Gcina Ndwalane
Uqhube wathi uNgqongqoshe uKaunda usebenze ngokuzikhandla eqeda udlame lwamatekisi kososeshini abahlukene ngakho kumphatha kabi ukuthi udlame lwaseGoli luchaphazeleke kulesi sifundazwe.
Ukubulawa kwabashayeli bamatekisi kuthuse ngisho umphakathi njengoba umndeni oseduze nalapho kwehle khona isiga ukhale ubumayemaye ebusuku uzwa ukuqhuma kwenganono ngaphandle.
Amaphoyisa asecele amalungu omphakathi angaba nolwazi olungalekelela uphenyo oseluvuliwe ngalesi sehlo ukuthi baxhumane nabo.