KUKHALWE ngamakinati aholwa othisha baKwaZulu-Natal emcimbini wokuklonyeliswa kwezikole nabafundi abenze kahle baseNewcatsle obuseBlack Rock ngoLwesithathu.
IMeya yaseNewcastle, uMnuz Xolani Dube, ithe kukhona okumele kwenziwe ngengwadla yothisha baKwaZulu-Natal abahola imali encane.
"Mkhulu umsebenzi owenziwa othisha befundisa abantwana bethu bedela konke kodwa ekugcineni bese behola imali engatheni,'' usho kanjena.
Uthe uyathemba ukuthi ukwenza kahle kweKwaZulu-Natal emiphumeleni ka-matric ka-2024 kuzodala ukuthi kubhungwe kabanzi ngale ndaba.
UDube ubenanela enkulumweni ebiqalwe yilungu lasePhalamande kuzwelonke eliphinde libe semkhakheni we-Science, uMnuz Sanele Sethembeni Zondo.
UZondo ophinde abe uSihlalo obambile kwi-IFP Youth Brigade kuzwelonke uthe umane ashaywe amahloni njalo uma ezwa ngemihlomulo yothisha.
Uthe lolu daba kwake kwabhungwa ngalo phambilini kodwa lwabuye lwashiywa lulenga.
Uthe ukholwa ukuthi kumele luphinde lubekwe ezithebeni kuphindwe kudingidwe kabanzi ngalo.
Uthe kuyishwa ukuthi iKwaZulu-Natal iphume isibili ezweni lonke ngokwenza kahle ku-matric kodwa othisha bakhona banikwa amakinati.
"Mina nje ngimane ngibe namahloni uma ngizwa ngemihlomulo yothisha baKwaZulu-Natal. Lena yinto okumele isukunyelwe ngokushesha,'' usho kanjena.
Uzwakalise nokukhathazeka kwakhe mayelana nokuthi baningi abafundi abaphumelele u-matric wathi kodwa ziyidlanzana izikhungo zemfundo ephakeme.
Uthe ukholwa ukuthi lezi zikhungo ngeke zikwazi ukumela umthamo omkhulu wabafundi. Ube esencoma abafundi baseNewcastle ngokusebenza ngokuzikhandla.
"Mkhulu umsebenzi eniwenzile sengathi ningaqhubekela phambili nigcine nibe nekusasa eliqhakazile,'' usho kanje.
Kulo mcimbi kuklonyeliswe abafundi abangu-10 abaphume phambili bezikole ezahlukene zakule ndawo.
Bonke bagixatshezwe ngama-laptop, umshini woku-printer, imali namavawusha.
UKwandokuhle Mhlungu wasePhendukani Full Service School olale endaweni yesithathu KwaZulu-Natal ugixatshezwe ngevawusha ka-R15 000 yakwa-Takealot, i-laptop, amavawusha ne-data ka-R2 500.
"Besingalali sifunda kanzima ngoba sifuna ukuqinisekisa ukuthi ekugcineni siyaphumelela. Kwesinye isikhathi bekuba lukhuni ngoba sibuye siphazanyiswe ukudlanga kwamaqembu emigulukudu,'' kusho yena.
Kuklonyeliswe nomfundi uBonga Sibeko waseZazi Secondary othole u-100% kwi-Science.
Ichonywe uphaphe lwegwalagwala i-Ekuseni Correctional Centre ethole u-100% kwaphasa wonke umuntu.
Kuklonyeliswe nothisha bezikole ezingu-10 zakule ndawo eziphume phambili.